Ukushushumbiswa kwabantu: “Kukhula ngokweqile”

Dylan Bettencourt

I-Salvation Army ibika ukuthi u-80% wezingcingo sezizonke abazitholayo eNingizimu Afrika zihlobene nokushushumbiswa kwabantu, njengoba nezicelo zosizo zanda kulezi zinyanga ezintathu ezedlule.

Le nhlangano iveze ukuthi ikhathazeke kakhulu ngokwanda kokushushumbiswa kwabantu.

UKaputeni we-Salvation Army uJuanita Wright uthe izinkinga zomnotho zibeka abaningi engcupheni.

“Sikholwa wukuthi izingcingo eziningi zibandakanya abantu abakhohlisiwe bangena kulenqubo yokushushumbisa abantu.”

Umbiko we-2020 Traffic In Persons (i-TIP) waseNingizimu Afrika, wathi uhulumeni waseNingizimu Afrika ushushise abasolwa abangabashushumbisi abangama-71 kanti abangama-44 balaba ngamadoda. Kwabashushisiwe bayisishiyagalombili kuphela abalahlwa yicala okuyisibalo esifanayo nesonyaka wezi-2019.

UWright uqhubeke wathi labo abasengozini yokushushumbiswa kubalwa izingane, intsha, ababaleke emazweni abo, abafuna imisebenzi nalabo abahlala emgwaqweni.

“Laba bantu bajwayele ukuphelelwa yithemba futhi kulula ukuthi bahehwe ngabashushumbisi,” esho.

UWright unxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqaphele kakhulu futhi babheke izimpawu zokushushumbisa abantu ngokubika noma yiziphi izinto ezisolisayo kunoma iyiphi inhlangano elwa nokushushumbiswa kwabantu noma emaphoyiseni.

Umthombo wesithombe: @SowetanLIVE

Izihloko zakamuva