Elmon Tshikhudo
Ngesikhathi kubulawa uNorman Mnisi esigamekweni sokudubulana namaphoyisa ngoMgqibelo, amathemba okugcina omndeni wakwaNemaranzhe okubona indodakazi yawo iphila ashabalele.
Cishe sekuphele unyaka uRolivhuha Nemaranzhe wase-Duthuni ngaphandle kwase-Thohoyandou, e-Limpopo, aduka.
Mhla zingama-23 kuZibandlela ngonyaka odlule, lo wesifazane oneminyaka engama-30 ubudala waba nengxabano evuthayo nesoka lakhe uMnisi. Wakwazi ukusebenzisa ucingo lwakhe ukumqopha esongela impilo yakhe, futhi wathumela okurekhodiwe kwabanye babangani bakhe.
Umndeni kaRolivhuna wagcina lapho ukuzwa ngendodakazi yawo kanye noMnisi, naye owanyamalala ngalobo busuku. Amaphoyisa kanye nomndeni asola ukuthi wabaleka kanti futhi abakungabazi ukuthi uMnisi nguyena odale ukulahleka kwakhe.
“Sikholelwa ekutheni ubazi ukuthi udadewethu ukuphi,” kusho uThuna Nemaranzhe, udadewabo kaRolivhuha.
Ezinyangeni eziyi-11 ezedlule, uThuna nomndeni wakhe ngosizo lwamaphoyisa bebethungatha umkhondo wokuthi ukuphi uRolivhuha, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Ngokushesha bakholwa ukuthi ithuba labo lokumthola ephila noma eshonile kungaba ukuthola uNorman Mnisi.
Kodwa uMnisi udutshulwe wabulawa ngamaphoyisa ngempelasonto edlule KwaMhlanga, eMpumalanga.
Amaphoyisa aqinise umkhankaso wawo wokuthungatha uMnisi ngenyanga edlule ngemuva kokuthi yena kanye nabanye abehamba nabo kuvele ukuthi basolwa ngokudubula isikhulu samaphoyisa uColonel Tshitereke Masuvhelele.
UMasuvhelele udutshulwe wabulawa esendaweni yebhizinisini lakhe e-Malonga endaweni yase-Vuwani mhla ziyisishiyagalombili kuMfumfu.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo, uBrigadier Motlafela Mojapelo, uthe abasolwa bavinjezelwe endaweni abebecashe kuyo KwaMhlanga.
“Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni abebecashe kuyo, ahlangabezene nemvula yezinhlamvu aziphindiselela. Ngesikhathi bedubulana kulimale kabi umsolwa oneminyaka engama-31,” esho.
UThuna uthe ngenkathi umndeni uzwa izindaba zokushona kukaMnisi ube nemizwa exubile.
“Siwumndeni besifisa ukuhlangana nalo mlisa ukuze ezosikhanyisela ukuthi othandiweyo wethu ukuphi,” esho.
“Izindaba zokushona kwakhe zisiphathe kabi ngoba uRolivhuha akakatholakali”.
UThuna unethemba lokuthi ukuboshwa kwalaba abane abebehamba noMnisi kungase kube ukhiye wokuvula isixazululo sokuthi udadewabo ukuphi.