Ukushona kweMeya yaseGoli kuzobanga uqhekeko eqenjini le-ANC e-Gauteng

Lungani Zungu

Ukushona kwemeya yaseGoli obekungalindelekile uJolidee Matongo kungase kuvule uqhekeko olukhulu eqenjini le-ANC esifundazweni sase-Gauteng ngokuthi ubani ozongena esikhundleni sakhe.

UMatongo ushone engozini yemoto ngoMgqibelo esendleleni eya emzini wakhe ngemuva komkhankaso wokuqokwa obubanjelwe e-Soweto lapho bekukhona uMengameli uCyril Ramaphosa kanye noNdunankulu wase-Gauteng uDavid Makhura.

Abanye besilisa ababili nabo bashone kule ngozi.

Ukushona kukaMatongo kuza emuva kwezinyanga ezimbili ethathe isikhundla sokuba imeya yaseGoli, esithathe kuGeoff Makhubo owashona ngoNtulikazi ngezinkinga ze-Covid-19.  

Noma kunjalo, ukukhethwa kwakhe akuzange kungabi nazo izingqinamba njengoba izitha ezingaphakathi eqenjini le-ANC zavusa  ingxabano yezobuhlanga, zathi uMatongo akakwazi ukuthola isikhundla esikhulu kangaka njengoba eqhamuka e-Zimbabwe.

Ubaba wakhe uqhamuka e-Zimbabwe kanti umama wakhe ungowase Ningizimu Afrika.

Abaningi, kanye neqembu le-EFF eliphethwe umholi uJulius Malema, bamvikela.

Wama waqina waze waba imeya yaseGoli ngemuva kokuba amakhansela angama-269 emchitha.

Ngemuva kokushona kwakhe ngoMgqibelo, uMatongo obeneminyaka engama-46, uhambe noMengameli uRamaphosa ukuya e-Soweto, benxenxa abantu ukuba bavotele iqembu le-ANC mhla wokuqala kuLwezi uma ngabe sekuvotelwa ohulumeni bendawo.

Ngesikhathi befika uRamaphosa ucele uMatongo ukuba abingelele isigungu sabantu ebesikhona.  

Kanti bambona okokugcina ephila ngemuva kokuba imoto yakhe i-BMW X5 ishayisa. Onogada basindile. 

UMatongo phambilini useke waba umphathi wemali egoli kwikomidi likamaspala.

Amazwi enduduzo asalokhu engenile emndenini kaMatongo.

UMengameli uRamaphosa uthe: “akukho esisuke sikulungiselele ngokushona komuntu, lokhu kuphuce isikhungo nomnotho wethu imeya yesibili ezinyangeni ezimbili.”

Uphinde wathi: “isikhathi abasichithe ndawonye sibe igugu elinganakuthengwa kulandela ukushona kwakhe ngokuzuma futhi nangendlela ethusayo. Sengathi umoya wakhe ungalala ngokuthula.”

Okwamanje, iqembu le-ANC esifundazweni sase-Gauteng lithe lisazogxila ekunikeni uMatongo umngcwabo onesizotha nohloniphekile, futhi okwamanje angeke kunakwen indaba yongase angene esikhundleni.

UNdunankulu wase-Gauteng uDavid Makhura uchaze uMatongo njengomuntu obezinikele aphinde abe isishoshovu esihle.

“Ngesikhathi sakhe esincane sokuphatha njengemeya eGoli, uMatongo unikele ngesikhathi sakhe ukusebenzela umphakathi kanye nokuthuthukisa abahlali baseGoli,” kusho uMakhura.

Imininingwane yomngcwabo kaMatongo ayikakashiwo.

Izihloko zakamuva