Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
- Isibalo sabashona ezikoleni zokusoka senyuke sisuka kwabayisishiyagalbili saya kwabayishumi nesikhombisa njengoba iningi lishonela ezikoleni ezingekho emthethweni.
- Ukuphelelwa amanzi emzimbeni, ukungenwa yizifo kanye nokungayiphuzi imithi yabo ejwayelekile ikona okuyimbangela yokushona.
Uhulumeni usekulindele ukubhekana nalesi simo kanye nokuthatha isinqumo esiqinile mayelana nezigameko eziqhubekayo zokushona kwabakhwetha.
Lokhu njengoba isibalo sezinsizwa ezishone ezikoleni zokusoka e-Eastern Cape sesiphindeke ngaphezu kokuphindwe kabili ngesonto elilodwa, sikhuphuke safinyelela kwabayishumi nesikhombisa.
IPhalamende lithumele ithimba lalo ukuyobheka ukuthi kwenzekani esifundazweni. Usihlalo weCogta Portfolio Committee uZweli Mkhize ufuna kuthathwe izinyathelo ezinqala.
“Sidinga ukuthi kugcinwe umthetho ngokugcwele mayelana nokusokwa ngokwendabuko, nokubambisana ngokuphelele nabazali. Lapho kwephulwa khona umthetho, kufanele kuthathwe izinyathelo, ikakhulukazi lapho kunqanyulelwa khona, [futhi abantu] bethola imali ngako,” kusho uMkhize.
Ukushona kwabantu abaningi kwenzeke ezindaweni ezimbili — isifunda i-OR Tambo ne-Alfred Nzo. Ukushona kwabo bekungagwemeka, kusho uMkhize.
“Kubukeka sengathi ukuphelelwa amanzi emzimbeni kuyimbangela enkulu yokushona kwabakhwetha e-Eastern Cape. Isizathu sesibili sokufa kwabantu yi-sepsis, isifo esingena egazini, esinganqandeka futhi.”
Isizathu sesithathu sokufa uthe sibandakanya ukwamukeleka kwemithi yesilungu kubakhwetha. Imithi yesilungu ayivunyelwe ezinkanjini zokusoka. Kodwa wathi, “Onesifo sofuba nonesifo sokuwa, [ngiyabakhuthaza] ukuthi badle imishanguzo yabo.”
Okunye ukushona kwabantu kudalwe abahlengikazi bendabuko ababudedengu.
Kwesinye isigameko saseTsolo, kushone ithwasa ngemuva kokuba uyise elikhiphe esikoleni esisemthethweni. UNgqongqoshe weCogta e-Eastern Cape uZolile Williams uthe umphumela walesi senzo esixakile kube ukugedla kwamazinyo.
“Okubuhlungu ukuthi indodana ishonele esandleni sikayise, leli cala liyaphenywa, Kukhona nophenyo ngokushona kwendodana,” usho kanje.
UWilliams uxwayise abazali ngezikole ezingekho emthethweni. “Sekucace bha e-Eastern Cape ukuthi noma yibaphi abazali abahambisa izingane zabo ezikoleni ezingekho emthethweni [kufanele bazi ukuthi] lezo zingane zizoshona,” esho.
“Sikhathazekile ngokwanda kwesibalo sabantu abashonayo. Iningi labakhwetha ashone esifundeni i-OR Tambo. Iningi lalaba abashonile bashone ngenxa yezikole ezingekho emthethweni,” kusho uWilliams.
Esithombeni esingenhla: Amathwasa endabuko yamaXhosa.
Umthombo: Facebook
