Ukushona kukaZanele sekwakhe uqhekeko emndenini

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Ukushona kukaZanele Mbokazi kusolwa ukuthi sekudake uqhekeko emndenini wakhe.

Umyeni wakhe, uMbhishobhi Mpendulo Nkambule, ufisa ukuqhubeka nomsebenzi wakhe, kodwa ezinye izihlobo zifuna abuyele eSwatini.

UMbokazi-Nkambule udlule emhlabeni ngomhlaka-12 kuNcwaba ngenxa yomdlavuza wamaphaphu.

Umthombo utshele iZimoja ukuthi: “Amanye amalungu omndeni abuza indima yakhe, athi uZanele akasekho futhi aphakamisa ukuthi abuyele ezweni lakubo. Kubuhlungu ukuzwa izinto ezinjena ngemva kokuba esezakhele ukuphila lapha.”

Nokho, amanye amalungu omndeni ayameseka umbhishobhi ekuqhubekiseleni phambili ifa likaZanele, ikakhulukazi ngamaCrown Gospel Awards.

“Kuzohlale kunezinkinga zomndeni, ikakhulukazi ezithinta ukufa nezezimali. Umbhishobhi ubemthanda ngempela umkakhe. Wonke umndeni unezinkinga ezihlukene,” kungeza umthombo.

Kwenziwa imizamo yokuhlanganisa lo mndeni njengoba ufuna abanye abaxhasi bomcimbi wamaCrown Gospel Awards, ahlelelwe ngomhlaka-17 kuLwezi, kanye neminye imisebenzi uZanele abesiza kuyo.

Ekuqaleni kukaMandulo, ama-Crown Gospel Music Awards ka-2024 amemezele isigaba esisha se-Best of Africa sabaculi bezokholo abavela e-Afrika, e-US, e-Caribbean, nase-European diaspora.

Imiklomelo izophinde ihloniphe uZanele Mbokazi-Nkambule ngezinguquko eziningi, okuhlanganisa nelogo entsha edalulwe nguMbhishobhi Nkambule, osengumdidiyeli omkhulu walo mcimbi.

Osesithombeni esingenhla: UZanele Mbokazi

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva