Ukushona komdlali webhola osemusha kushiye abaningi besezinhlungwini 

Akasekho emhlabeni uDuangpetch Promthep ovame ukubizwa ngelikaDom ongomunye wabafana abangu-12 abahlengwa emhumeni wase-Thailand ngemuva kwezikhukhula ngo-2018, kanti kubikwa ukuthi ushonele e-United Kingdom ngoLwesibili ebusuku.

Umsunguli wenhlangano ebizwa nge-Zico Foundation, uKiatisuk Senamuang futhi obengumelulekile kaDuangpetch ubhale umyalezo othi: “Uqhubeke ulidlale kahle ibhola emazulwini, yiba ilokhu uDom ayefuna ukuba yikho uhambe uyobuka wonke umdlalo ofisa ukuwubona.”

UDuangpetch wayesekelwa inhlangano kaKiatisuk ukudlala ibhola lezemfundo e-England.

Lo mfana utholwe uthisha emagunjini abo egulela ukufa ngeSonto ngaphambi kokuba aphuthunyiswe esibhedlela okuyilapho ashonele khona ngoLwesibili.

“Ngikufisela uhambo oluhle kanti uma usukhululekile ngicela ungivakashele noma uvele uzongibona ngiqeqesha,” kubhala uKiatisuk ezinkundleni zokuxhumana.

“Namuhla ebusuku ngizokhumbula konke ebengikwenza nawe . Angazi ukuthi ngizokwazi yini ukulala ngizokukhumbula kakhulu futhi uhlezi wazi ukuthi ngiyakuthanda kakhulu.”

Akukacaci ukuthi ngabe uDom ubenazo yini izinkinga zezempilo, kodwa uchazwe njengomuntu obengenankinga engumqemane”, kubika i-Guardian.

Amaphoyisa ase-Leicestershire athe ukushona kwakhe akusolisi ngalutho.

UDom wayengukaputeni weqembu lebhola i-Wild Boars, okuyilapho abadlali abangu-12 babo bavaleleka emhumeni wase-Thailand kanye nomqeqeshi wabo.

Ithimba lalingene emhumeni ngosuku lokuzijabulisa, kodwa lavaleleka ngesikhathi kuba nezikhukhula izindlela zokuphuma zigcwele amanzi.

Amalungu eqembu aneminyaka ephakathi kuka-11 no-16 ubudala avaleleka ngaphakathi kulo mgede isikhathi esingaphezu kwamasonto amabili ngaphambi kokuba atakulwe.

Umqeqeshi waleli qembu u-Ekkaphol Kanthawong ubhale  ku-Facebook ukuthi ubenethemba lokuthi lezi zindaba bezingelona iqiniso.

“Awungicelanga ukuthi ngikujabulele uma usukwiligi kazwelonke? Kungani uphule isithembiso? Asenzanga zonke izinhlelo zokuthi uma ubuya uzodlala ibhola futhi uhambe nathi ngebhayisikili?

“Kusukela usemncane wawulokhu uthi ufuna ukudlala kuligi yesizwe. Kungani ungenzanga njengokusho kwakho?” kubhala u-Ekkaphol. 

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: UDuangpetch Promthep

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva