Ukushoda kwemidlalo yesibhakela eNingizimu Afrika sekwenze umshayi wesibhakela wesifazane wavuma impi eyingozi e-Sweden

Linda Ximba

Ukushoda kwemidlalo yesibhakela yabesifazane eNingizimu Afrika sekuholele ekutheni omunye wabashayisibhakela abanekhono amukele impi ngesikhathi esifushane ezoba e-Sweden ngoLwesihlanu ebusuku.

URita Mrwebi, owayengumpetha kazwelonke we-welterweight, uphume eNingizimu Afrika eyobhekana noMarianne Ahlborg ongaziwa ezweni lase-Scandinavia mhla ziyi-19 kuLwezi njengoba uMrwebi wayengenayo enye indlela ngaphandle kokulwa impi eyingozi ngoba efuna imali ethile.

Umqeqeshi kaMrwebi, uGeorge Khosi, uthe bawuthathele phezulu lo mdlalo ngoba umshayisibhakela wakhe ubezihlalele nje engenzi lutho.

“Wagcina ukulwa ngoMandulo lapho alwa khona ngokulingana noRushda Mallick e-Limpopo ngesikhathi ebuya ngemuva kweminyaka emithathu engekho ngenxa yokungabi bikho kwemidlalo yesibhakela kanye nezinye izinkinga,” kusho umqeqeshi.

“Asikwazanga ukuyinqaba impi kwazise ubeyidinga kakhulu imali yokukhokhela indawo ahlala kuyo nokondla indodana yakhe,” kusho uKhosi.

UKhosi udalule ukuthi uMrwebi oneminyaka engama-34 ubudala wase-Eastern Cape, usezohola imali cishe eyizi-R40 000 zamarandi ngalo mdlalo  ozoba nemizuliswano eyisithupha.

“Imali yesikhwama yinhle futhi izosiza kakhulu njengoba nokhisimusi ususeduze. Angikwazanga ukuhamba naye, ngenxa yezinkinga ze-visa, kodwa nginethemba lokuthi umlingani wami uSinalo Nokhele uzokwenza umsebenzi omuhle laphaya phambili. 

Kuzobe kungokokuqala belwela phesheya kwezilwandle, kodwa ngikholwa ukuthi bazoliphakamisela phezulu ifulegi lezwe basivulele amanye amathuba,” kusho uKhosi.

Lo mdlali waseNingizimu Afrika uya kumdlalo wesibhakela njengoba esele namarekhodi okuwina ayisithupha, wadlala ngokulingana kathathu wahlulwa kayisikhombisa.

Lo mdlali wase-Sweden oneminyaka engama-30 ubudala usanda kunqoba kane futhi kuyinzuzo kuye ukuthi anqobe edlala ezweni lakhe ahlule owaseNingizimu Afrika.

Izihloko zakamuva