Ukushoda kukadizili kumisa ukusebenza kwamabhasi akwaPutco

I-Putco izomisa ukusebenza kwayo kuze kube kukhishwa esinye isimemezelo ngenxa yokushoda kukadizili nokungaxhaswa kwemboni yezokuthutha umphakathi.

NgoLwesine, inkampani yamabhasi ethutha izinkulungwane zabagibeli nsuku zonke ithe ukwenyuka kwentengo kaphethiloli kanye nokubambezeleka kukahulumeni ekukhokheni imali kube nomthelela ekumisweni kwayo.

Ngokusho kukaLindokuhle Xulu omele uphiko lwamabhasi i-Putco, wazise uMnyango wezeMigwaqo nezokuThutha eGoli ukuthi bebezithengela bona udizili emasontweni amabili edlule kodwa uMnyango wehlulekile ukukhokha imali ngesikhathi. Inkokhelo yemali obekufanele ikhokhwe ngoNdasa nayo ayizange ikhokhwe okwenza izinkinga zezimali zibe zimbi nakakhulu.

Ukungakhokhi kusho ukushoda kwemali yokuthenga udizili futhi lokhu kuvimba amabhasi ukuthi enze umsebenzi wawo.

Abagibeli abaningi abathenge amathikithi ebhasi enyanga kuzodingeka bathole ezinye izindlela zokuhamba ezingase zibangele izindleko ezengeziwe.

Abophiko lwamabhasi bathi basebenzisana nomnyango wezokuthutha ukulungisa udaba lokukhokha ngokushesha ukuze baphinde baqale ukusebenza.

Umnyango uthe le mali kumele ikhokhwe ngoMsombuluko.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: Ibhasi yakwa-Putco

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva