Lubhalwe nguRorisang Modiba
Umalusi, uphiko olubhekele izivivinyo zikaMatikuletsheni, uthembise ukuthi izivivinyo zalo nyaka zizoqhubeka ngendlela nakuba kushoda abamakayo kwezinye izifundo ezifana ne-History, isiNgisi nesiBhunu.
Embikweni wakamuva, Umalusi, obhekele ukulawulwa kwezinga lemfundo, uthe uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo ushoda ngabamaka amaphepha ezivivinyo, kodwa ezinye izinhlaka zezivivinyo – ezifana ne-Independent Examination Board, uMnyango wezeMfundo ePhakeme nokuQeqesha, kanye ne-South African Comprehensive Assessment Institute – banabo othisha abanele ukumaka izifundo.
Ukulungisa inkinga, Umalusi uzoletha abanye abamakayo futhi anikeze isikhathi esengeziwe sokuqeda ukumakwa kwezivivinyo.
Isikhulu esiphezulu sikaMalusi, uDkt Mafu Rakometsi, sithe lokhu kushoda kwenzeka minyaka yonke kodwa unethemba lokuthi kuzohlelwa kangcono ngomuso.
“Esikhathini esizayo, asifuni izindlela zesikhashana ukuvala igebe. Banesikhathi esanele sokuhlela ukuze ngonyaka ozayo kube nesisombululo esifanele ngokugcwele,” usho kanje.
Ukumaka kuzokwenziwa ngokucophelela, ngokuhlolwa kabili ukuze kuqinisekiswe ukuthi kwenziwe kahle.
Ezokuphepha ziqinile ezivivinyweni, futhi imininingwane igcinwa iyimfihlo ukuze kugwenywe ukuputshuka kwayo.
Othisha baqale ukuqeqeshwa mhla zimbili kuMfumfu ukuze baqinisekise ukuthi izivivinyo zinobulungiswa.
UDkt Rakometsi uphinde waxwayisa ngokukopela wathi lokho kungalimaza lonke uhlelo lwezemfundo.
“Ukukopela kubukela phansi isithunzi sohlelo lwethu lwezivivinyo zikazwelonke, esijutshwe ukuba siluvikele njengomkhandlu osezingeni,” usho kanje.
Osesithombeni ngenhla: UDkt Mafu Rakometsi.
Umthombo: Umalusi/X
