Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Incwadi esesibhedlela i-Livingstone ithi ukushoda kodokotela sekuphoqe ukuthi kuvalwe imitholampilo yeziguli ezilaliswa ngaphandle.
UMnyango wezeMpilo uthi le ncwadi ayikho emthethweni, kodwa uyavuma ukuthi isifundazwe sesiyekile ukuqasha odokotela abasha.
Ivaliwe imitholampilo yeziguli ezilaliswa esibhedlela i-Livingstone, eGqeberha, kanti lezi zindaba zifakwe encwadini ebhalwe ngomunye ongaphakathi esibhedlela.
Incwadi ayisayiniwe, kodwa yathi abenele odokotela abalapha iziguli futhi izinsiza sezithinteke kakhulu.
Lokhu kuza ngemuva kwamasonto ezikhalazo ezinkundleni zokuxhumana abantu bethi babuyiselwa emakhaya ngaphandle kosizo.
Ekuqaleni uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape uthe le ncwadi ingumbombayi. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi okhulumela uMnyango uSiyanda Manana uthe bayaphenya ukuthi ibhalwe ngubani.
Uthe yibamba lo Mphathi (CEO) kuphela, uNksz Notshe, elingathatha izinqumo ezifuze lezi. Uthe incwadi ivele ezinsukwini nje uNgqongqoshe wezempilo noNdunankulu behambele kuleya ndawo.
Bavakashele ngemuva kwevidiyo esabalele ekhombisa abesifazane abakhulelwe belele phansi esibhedlela i-Dora Nginza.
Umnyango usuqashe odokotela abasha abangu-10 walungisa nezinkinga zemibhede nabahlengikazi. Kodwa uManana usole ukuthi le ncwadi ibhalwe abantu abafuna ukudala uthuthuva esibhedlela.
Yize kunjalo, iziguli eziningi zikhala ngokuthi azilutholi usizo futhi ziyajikiswa.
UManana uthe lezo ziguli kumele zikhulume nesikhulu sesibhedlela.
Okhulumela i-Democratic Alliance kwezempilo uJane Cowley uthe lesi simo siyinhlekelele.
Uthe uhulumeni wesifundazwe uyekile ukuqasha odokotela abasha yize zanda iziguli ezidinga usizo.
“Lokhu kubhidlika kuza ngemuva kwamasonto ambalwa uhulumeni oholwa i-ANC echithile uhlelo lwe-DA lokubhekana nokusilela emuva isikhathi eside kokuhlinzwa,” usho kanje.
Isibhedlela i-Livingstone sinabantu abangaphezu kwa-1,300 ohlwini lwaso lokulinda, kodwa bangu-48 kuphela abalashwa usuku ngalunye.
Esithombeni esingenhla: Isibhedlela i-Livingstone e-Korsten, e-Gqeberha.
Umthombo wesithombe: Ifayela