Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Imililo yequbula eqhubekayo ngenxa yokushintsha kwesimo sezulu, isidale umonakalo omkhulu e-Eastern Cape nokuphoqe ukuthi abantu abaningi bashiye amakhaya abo.
NgoMgqibelo izigodi, imfuyo nezintambo zikagesi konke bekusengcupheni njengoba abezicishamlilo bezabalaze ukuwulawula umlilo.
Umoya onamandla, owomile, obuvunguza ngesivinini esingu-80km/h, wenze umlilo wabhebhetheka ngokushesha okudale umonakalo oyizigidi zamarandi kwaphoqa nemindeni ukuthi iphume ezindlini zayo.
Ukushintsha kwesimo sezulu kusho ukuthi umhlaba uyashisa kakhulu ngenxa kokungcola okuphuma ezimotweni, izimboni, nemfuyo. Njengoba ama-greenhouse gas emboza umhlaba abe esebamba ukushisa kwelanga.
Umhlaba manje ufudumala ngokushesha kunanoma yisiphi isikhathi emlandweni oqoshiwe. Ngokuhamba kwesikhathi, amazinga okushisa afudumele ashintsha isimo sezulu futhi aphazamise imvelo.
Lokhu kubangela ukwanda kwesomiso, izikhukhula, kanye nesimo sezulu esibi eNingizimu Afrika, okwenza kube nzima ukutshala ukudla nokuphila ngokuphepha.
Yize kungekho muntu olimalile muva nje kodwa umlilo ubudlangile. Kumasipala wendawo iMbhashe imindeni eminingi ilahlekelwe yimizi nemfuyo.
Esigodini saseNtsingizi, e-Elliotdale, imindeni emine ilahlekelwe yimizi yayo ngenxa yomlilo futhi besingekho isikhathi sokusindisa impahla yayo.
Umholi womphakathi uLindile Cirha uveze ukuthi kube nzima kangakanani kulabo abathintekile.
“Okwenzeke kule mindeni kuyadabukisa. Omunye umndeni ulahlekelwe izindlu ezimbili, umakhelwane walahlekelwa eyodwa. Eminye imindeni ayikwazanga ngisho nokugcina ifenisha yayo. Imfuyo yethu manje ayinandawo lapho ezodla khona kanti lokho kuyibeka engcupheni,” usho kanje.
Lo mlilo usunezinsuku eziyisishiyagalolunye uvutha, uthinte amadolobha afana neHogsback, iKomani, neKatberg.
Umphakathi waseHogsback uxwayiswe ngokuthi kungase kudingeke uphume ngokushesha njengoba imililo iqhubeka nokubhebhetheka.
Okhulumela umasipala wesifunda sase-Amathole, uSisa Mwisa uthe: “Akukadingeki abantu bashiye amakhaya abo, kodwa kufanele bakulungele ukuhamba noma yinini.”
Imililo iyingxenye yezigameko zesimo sezulu esibi kakhulu ezihambisana nokushintsha kwesimo sezulu.
NgoMsombuluko, uMnyango wezokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya nokuBuyiswa koMhlaba e-Eastern Cape uxwayise ngokuthi isimo esomile, esinomoya futhi esishisayo senza kube lula ukuthi imililo yequbula iqale futhi ibhebhetheke ngokushesha.
Umasipala wesifunda Amathole ucabanga ukumemezela isimo senhlekelele njengoba usaqhubeka nokubheka umonakalo ohlanganisa nokulahleka kwemfuyo.
Imililo ingezinye zezinhlekelele ezihambisana nesimo sezulu ezihlasele isifundazwe.
EGqeberha umoya onamandla usanda kuwisa izigxobo zikagesi okushiye isonto lonke ungekho ugesi ezindaweni ezingu-13.
Futhi, emgwaqeni onguthelawayeka u-N2 eGqeberha, amagagasi anamandla abelokhu eqa amatshe emgwaqeni.
Esithombeni esingenhla: Imizi ekhahlanyezwe umlilo wequbula e-Elliotdale.
Umthombo: Sithunyelwe