Ukushintsha kwesimo sezulu okungajwayelekile

Dylan Bettencourt

Lubukeka lunganakiwe uhlelo lwesithathu lombiko we-Intergovernmental Panel wokushintsha kwesimo sezulu. 

Lokhu kwenzeka nje kunenhlekelele yamazwe ngamazwe e-Ukraine kanye nokukhuphuka kwamanani kaphethiloli, kuxwayisa ososayensi. 

Njengoba amehlo wonke asemhlabeni ethe njo enkingeni yase-Ukraine yokukhuphuka kwentengo kaphethiloli, ongoti banovalo lokuthi udaba lokuguquka kwesimo sezulu seluphinde lashawa indiva.

Umbiko wokuguquguquka kwesimo sezulu uzokwethulwa ngoMsombuluko njengoba kunesixwayiso sokuthi umhlaba awenzi ngokwanele ukuqhubekela phambili emnothweni we-low carbon.

Umbiko wangaphambilini okhishwe ngenyanga edlule, uthole ukunakwa okuncane kwabezindaba ngenxa yokuhlasela kwe-Russia e-Ukraine, naphezu kombiko oxwayisa ngemiphumela engenakuhlehliswa uma kuthathwa izinyathelo eziphuthumayo.

Ososayensi bathi umbiko omusha kufanele ugqugquzele ohulumeni ukuthi benze okwengeziwe ekulweni nokuguquguquka kwesimo sezulu.

“Lowo mbiko wangaphambilini ubulindelwe ngabomvu, kodwa washaywa indiva ngokuphelele. Njengoba uqgitshwe kakhulu impi yase-Ukraine kanye nezindaba zasekhaya ezifana nokwehla kwamandla emali, iningi lemithombo yezindaba alikaze libike ngaloludaba,” kusho uDeborah Brosnan, uSolwazi wesayensi yaseNyuvesi i-Virginia Tech, itshela i-Observer.

UBrosnan wengeze ngokuthi nakuba kuqondakala ukuthi abantu bashaqekile ngezigameko zase-Ukraine kanye nemiphumela yokwenyuka kwentengo kaphethiloli, ukushintsha kwesimo sezulu kufanele kubashaqise.

“Sibonakala siyizimpumputhe eqinisweni lokuthi inhlekelele enkulu isivele yenzeke – ezoholela ekutheni kube nenhlekelele kubantu bonke ngezinga aliphezulu elingakaze libe khona,” kusho uSolwazi.

Umbiko wangoMsombuluko unikeza izixazululo ohulumeni abanxuswa ukuba bazenze ukuze kuncishiswe ukukhishwa kwesisi esingcolisa umoya, okuhlanganisa ukusebenzisa amandla avuselelekayo, ukutshala izihlahla eziningi nokusebenzisa ubuchwepheshe ukumunca i-carbon eyingozi emoyeni.

Umthombo wesithombe: @TRTWorld

Izihloko zakamuva