Ukushaqeka njengoba izakhamizi zithole isidumbu sephoyisa ebelingekho emsebenzini

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izakhamuzi zaseBrown’s Farm ePhilippi, eKapa, ​​zisale zimangele ngemuva kokutholakala kwesidumbu sephoyisa ebelingekho emsebenzini liboshwe izandla nezinyawo ngoLwesibili.

UNolukholo Qamndana (45) ubesaya esitolo ngesikhathi ezwa iqulu labantu likhuluma ngalesi sigameko.

“Ngaya endaweni yesigameko ukuyozibonela ngawami ngoba ngangingakholwa,” kusho yena. “Okwenzekile kubi, futhi angicabangi ukuthi ubulawelwe lapho etholakale khona. Ngicabanga ukuthi wabulawa ndawana thize walahlwa kuleyo ndawo.”

UQamndana uthe iphoyisa elibulewe lihlala kulona leli lokishi.

Isakhamuzi, esingathandanga ukudalulwa igama, sithe amaphoyisa akumele ahlale emalokishini afana nabahlali lapho besebenza khona.

“Ngicabanga ukuthi into ezohlenga amaphoyisa ekuhlaselweni nasekubulaweni yilapho esuswa kithina bahlali. Abanye bayalandelwa babulawe ngamacala abawaphenyayo noma abantu asuke ebababophile,” kusho yena.

“Lesi sigameko sisithuse kakhulu ngoba amaphoyisa kumele ahlonishwe njengoba umsebenzi wawo uwukusivikela.”

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe umufi ubeyiphoyisa ebelingekho emsebenzini e-Athlone SAPS.

Noma ngubani ongasiza amaphoyisa ukuba abophe abenzi bobugebengu kufanele ashayele i-Crime Stop ku-08600 10111 noma asebenzise i-MySAPS yeselula ngokungaziwa.

Izihloko zakamuva