Dylan Bettencourt
Umculi we-hip-hop uRiky Rick wendele koyisemkhulu eneminyaka engu-34.
Imibiko ithi uRiky Rick uzibulalele emzini wakhe oseNyakatho neGoli ngoLwesithathu ekuseni.
Lo mculi ogama lakhe langempela nguRikhado Muziwendlovu Makhado kuthiwa uzilengise ngentambo ngemuva kokuxinwa ukhwantalala.
Umbiko we-Sunday World uthi lo mrepha utholwe emzini wakhe ngo-8.30 ekuseni ngoLwesithathu wabe esephuthunyiswa esibhedlela esiseduze.
“Ngebhadi, ushone ngesikhathi besendleleni eya esibhedlela,” kusho umthombo ongaziwa utshela i-Sunday World.
URiky Rick ubaziwa kakhulu ezimbonini zomculo nezemfashini eNingizimu Afrika, edume ngokuba nogqozi nokuzimisela kwakhe ukunika abaculi abancane amathuba ezweni lonke.
Ubengumsunguli kanye nomnikazi wenkampani eqopha umculo i-Cotton Club Records kanye nomcimbi womculo i-Cotton Fest.
Imibhalo yakhe yokugcina yaku-Twitter mhlawumbe ithumele umyalezo emhlabeni njengophawu lokushona kwakhe okungazelelwe.
“Ngizobuya njengendoda enamandla. Lo mhlaba useyikhaya lami,” kufundeka umbhalo wakhe wokugcina ku-Twitter.
Lo mrepha ubeshade noBianca Naidoo obekukhulunywa ngaye emasontweni adlule njengoba ebebukeka engajabule kumavidiyo nomyeni wakhe.
Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana baphawule ukuthi mhlampe unamahloni phambi kwamakhamera kanti abanye bathi ukumkhohlisa kukaRick phambilini yikhona okumenza abukeke engajabule kumavidiyo.
URiky Rick, owaziwa ngelikaBoss Zonke, ukhuliswe ngugogo wakhe njengoba abazali bakhe bahlukana esemncane. Ubaba wakhe wabe esethuthela eGoli ngenkathi umama wakhe eqhuba izifundo zakhe zokuba ngummeli eNingizimu Afrika nase-United Kingdom.
URiky Rick ushiye emhlabeni izingane ezimbili nonkosikazi wakhe.
Umthombo wesithombe: @RikyRickWorld