Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Ngesikhathi evakashele esiteshini esizimele i-Dedisa Peaking Power Station eNelson Mandela Bay, uNgqongqoshe kaGesi uKgosientsho Ramokgopa uqhubekisele phambili izinhlelo zakhe zokuguqula isikhungo esisebenza ngodizili ukuba sisebenze ngegesi ukuze kwehle ingcindezi kugridi kazwelonke.
Uthe amadolobha afana neNelson Mandela Bay adinga ukweseka izinhlelo ezihlose ukukhiqiza amandla kagesi ukuze kusimame umnotho wesifunda sase-Eastern Cape.
I-Dedisa ihlinzeka ugesi kugridi kazwelonke ngezikhathi ezimatasa kakhulu kanye nangesikhathi sezimo eziphuthumayo futhi ingase isetshenziselwe ukulawula namandla kagesi enethiwekhi ukuze kusimamise ugesi.
“Lo msebenzi uyingxenye yokuthungatha amanye amamegawathi ukuze siqinisekise ukuthi siyakuqeda ukucishwa kukagesi,” kusho uRamokgopa.
“Izingxoxo zethu [ne-Dedisa] bezimayelana nokuqonda isifiso sabasebenzi ukuqinisekisa ukuthi sishintsha imboni ekusebenziseni udizili kusetshenziswe igesi, kanti sisazoqhubeka nezingxoxo ngalokhu.”
Uqhube wathi ngenxa yokumba eqolo kwezikhungo eziphehla ugesi ngodizili, amanani kagesi azoqhubeka nokunyuka.
URamokgopa uthe izingxoxo ne-Dedisa zibenze babona ukuthi igesi ishibhile ngo-50% kunodizili futhi idinga amanzi amancane nokungenye yezinto ezibalulekile ekuphehleni ugesi.
Ungqongqoshe uzwakalise ukuzibophezela komnyango wakhe ekwesekeni umasipala waseNelson Mandela Bay ukuthi uphinde ugunyaze umshini wokuphehla ugesi omdala owavalwa ngo-2018.
Ijeneretha yahoxiswa ngenxa yokuthi u-opharetha wokugcina wenza iphutha kuyo ngakho imboni ibikwazi ukukhiqiza kuphela umkhawulo wamamegawathi (MW) amane.
Uma inamandla futhi isebenza ngokugcwele ijeneretha ingakhiqiza u-40MW, okulingana nezigaba ezimbili zokucishwa kukagesi – isimo esingaletha ukukhululeka okukhulu eNelson Mandela Bay, ikakhulukazi emkhakheni wezamabhizinisi.
Imeya yaseNelson Mandela Bay, uGary van Niekerk, uthe uyathemba ukuthi kuzoba nezinguquko kulandela ukuvakasha kukaRamakgopa njengoba ebeke izikhathi nokuzibophezela kwehhovisi lakhe ekuletheni ushintsho.
“Kusithokozisile nokuthi ungqongqoshe uzoxoxisana nosomabhizinisi njengoba sesinenqubekela phambili emkhakheni wezamabhizinisi. Kusukela ekuxoxisaneni esibe nakho namabhizinisi, bazibophezele ukuthi basisize ekuletheni ushintsho,” kusho uvan Niekerk.
Esithombeni ngenhla: UNgqongqoshe kaGesi uKgosientsho Ramakgopa ekhuluma nochwepheshe bendawo ephehla ugesi.
Umthombo wesithombe: Anita Dangazele