Ukusetshenziswa kwebhilidi elidala lesiShayamthetho saseKZN kungahlenga izigidigidi zenkece

Celani Sikhakhane

I-IFP ifaka ingcindezi kuhulumeni waseKZN ukuthi acabange ukusebenzisa isiShayamthetho esidala saKwaZulu esisoLundi esikhundleni sokuboleka izigidigidi ukuze kwakhiwe esisha.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi wethule kwikomidi elibhekele ukusebenza kwezisebenzi ukuthi badinga u-R11 billion ukuze kwakhiwe izakhiwo zikahulumeni ezintsha zeminyango eyahlukene, okuhlanganisa nehhovisi likaNdunankulu.

Ngonyaka ka-2004 ngesikhathi i-ANC ithatha iKZN kwi-IFP, isiShayamthetho esidala sashiywa ngenxa yePhalamende laseMgungundlovu elalakhiwe ngamaNgisi.

IPhalamende laseKZN lasetshenziswa ngesikhathi kubusa uMntwana kaPhindangene uMangosuthu Buthelezi njengomholi kahulumeni wezwe ngaphambi konyaka ka-1994.

Ike yasingatha abaholi abehlukene, okubalwa nowayenguNdunankulu wase-Britain, uMargaret Thatcher.

UMengameli we-IFP, uVelenkosini Hlabisa, uthe iKZN isebenzisa imali engaphezu kuka-R150 million ngonyaka ekuqashiseni amahhovisi.

UHlabisa uthe ukusetshenziswa kwebhilidi likahulumeni elisoLundi kanye nelaseMgungundlovu kubonakala kalula kunokuboleka imali yokwakha izakhiwo ezintsha.

“I-KZN ayinayo imali ikakhulukazi ngemuva kokuthi sihlaselwe kanzima i-Covid-19 kanye nezinxushunxushu zangoNtulikazi ngonyaka ka-2021. Sikholelwa ukuthi ukusebenzisa amabhilidi amadala esiShayamthetho iyona indlela engcono,” kusho uHlabisa.

I-IFP ikholwa ukuthi uma uhulumeni waseKZN ebuyela oLundi uzokhombisa inhlonipho kubantu kanye nesizwe samaZulu, njengoba kuzoba kuzovuselela isigodlo seSilo uCetshwayo. Yashiswa yaba umlotha ibutho Lama-British ngonyaka ka-1879.

Ulundi bekuyidolobha elikhulu laseKZN phakathi konyaka ka-1994 nonyaka ka-2004 ngesikhathi kubusa i-IFP.

Lesi sakhiwo sesiphenduke indlovu emhlophe futhi sisasenga izigidi kuhulumeni waseKZN, Amanzi nogesi nama-rates ngaphandle kwanoma imuphi umsebenzi.

Abanye baphakamise ukuthi lesi sakhiwo siguqulwe sibe isikhungo seNyuvesi yase-Zululand noma iNyuvesi yaKwaZulu-Natali yabafundi basemakhaya.

Izihloko zakamuva