Icala lokweqa lalowo owalahlwa yicala lokudlwengula nokubulala uThabo Bester nabanye abayisishiyagalombili lizoqala ngomhlaka-19 kuNhlolanja ngonyaka ozayo.
UBester, nabethandana naye uDkt Nandipha Magudumana nabanye abasolwa abayisikhombisa babhekene namacala okukhwabanisa, inkohlakalo, ukuhlukumeza isidumbu, ukufukamela nokufihla isiboshwa eseqile.
Umdlwenguli owalahlwa yicala kanye nombulali weqa esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo eMangaung ngemuva kokuqhamuka nesu lokuqamba amanga ngokufa kwakhe emlilweni esitokisini ngoNhlaba ka-2022. Wabaleka cishe unyaka ngaphambi kokuba abanjwe e-Arusha, e-Tanzania, ngomhla-8 kuMbasa ngo-2023.
UBester ukhale eNkantolo eNkulu yaseBloemfontein ngoLwesithathu ngesimo esinesihluku ejele ahlala kulo iKgosi Mampuru C-Max.
Utshele inkantolo ukuthi uvalelwa yedwa amahora angu-23 ngosuku, okuthinta impilo yakhe yengqondo namandla okuzilungiselela ukuzivikela.
Uhlelo sengathi lusungulelwe mina ngqo, kuze kube sengathi nginamagumbi ami elihlukene,” kusho uBester.
“Angilweli nje kuphela ilungelo lami lokuqulwa kwecala ngendlela efanele kodwa nesithunzi esiyisisekelo şawo wonke umuntu oboshiwe anelungelo laso.”
Nokho, uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uyaziphika izimangalo zikaBester.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Osesithombeni esingenhla: UThabo Bester eNkantolo eNkulu yaseBloemfontein ngoLwesithathu.
Umthombo: X