Ukuqhunyiswa kwezibhamu emoyeni ngesikhathi kungcwatshwa owayephethe uMkhonto weSizwe sekudale inkinga

Dylan Bettencourt

Noma bengathi usiko, kodwa ukuqhuma kwezibhamu okungekho emthethweni emngcwabeni wesosha, uKebby Maphatsoe ngeSonto kudale ingozi.

Kuqhunyiswe izibhamu emoyeni emngcwabeni kaMengameli owayephethe uMkhonto weSizwe uKebby Maphatsoe, emathuneni ase-Wesrpark eGoli.

Obehleli engadini yakhe uMargaret Holloway oneminyaka engama-76 ushawe inhlamvu eqhamuke emoyeni.

ULee Holloway indodana kaMargaret utshele i-TimesLive ukuthi ukungaphathwa kahle esibhedlela sase-Helen Joseph kuletha izinhlungu ezinkulu emndenini wakhe njengoba besabhekene nesimo.

“Usahleli kwisihlalo esihamba ngamasondo nomlenze osanenhlamvu engakakhishwa. Sitshelwe ukuthi angeke bayikhiphe inhlamvu kunalokho bazomkhipha esibhedlela aye ekhaya” uLee etshela i-TimesLive.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Vish Naidoo uthe amaphoyisa asaphenya icala lokuzama ukubulala.

Umbiko uveza ukuthi inhlamvu iqhamuke ngesikhathi amasosha eqhumisa izibhamu ama-AK-47, kodwa uNaidoo uthe isibhamu esidubule uMargaret sizovezwa ngemuva kophenyo. Indawo ehlala abantu asebebadala iqhele ngamamitha angama-200 nasemathuneni, kanti inhlamvu kusolwa ukuthi ihambe amamitha angama-600 ngaphambi kokuba ishaye lo wesifazane.

Abahlali basekhaya labantu asebebadala bathe sebeyasaba ukuphumela emnyango sebehlezi besendlini kusukela ngeSonto emini.

Umhlali uJenny Heuvel uthe “abantu basathukile ngoba abazi ukuthi isengaphinde yenzeke yini lento. Abasakwazi ukuhlala emnyango. Sebehlezi bezivalele emagumbini abo”.

Ilungu le-DA lasephalamende uJames Lorimer uthe bekukhona abaphathi bamaphoyisa ngesikhathi somngcwabo, kodwa asazi ukuthi bangenelele yini kwisimo ngesikhathi amasosha eqala ukudubula.

“Ukuqhunyiswa kwezibhamu budedengu kaningi emoyeni endaweni evulekile kunzima ukukholwa yikho. Lokhu kukhombisa lukhulu njengoba kwenzeke emngcwabeni welungu le-ANC okuveza indlela inhlangano esiphenduke ngakhona” kusho uLorimer esho kwisitatimende.

Umthombo wesithombe: @WIRED

Izihloko zakamuva