Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Kulimale abantu abathathu kwacekeleka phansi inqwaba yezindlu ngemuva kokuthi kuqhume iziqhumane ebezigcinwe emjondolo ngoLwesihlanu.
Izakhamuzi zithi zisathukile njengoba kungase kufihlwe ezinye iziqhumane endaweni.
Ukuqhuma okukhulu e-Slovo Park, e-Springs, kushiye imindeni ingenamakhaya futhi yethukile. Lokhu kuqhuma kuqhamuke emjondolo oqashwe abavukuzi abangekho emthethweni abebegcina iziqhumane zabo khona.
NgoLwesihlanu ekuseni, izakhamuzi zibaleke zisindisa izimpilo zazo njengoba bekundiza othayela, izingubo nemfucumfucu emoyeni. Kucekeleke phansi inqwaba yemizi kwathi abathathu baphuthunyiswa esibhedlela belimele.
Abaningi manje besaba ukuthi kungase kube nezinye iziqhumane ezigqitshwe endaweni.
U-Emily Letsoalo ubedla isidlo sasekuseni nomzukulu wakhe ngesikhathi ukuqhuma kuzamazamisa indlu yakhe.
“Lo msindo ulandelwe ukuzamazama kwendlu kanye nefu lentuthu eluhlaza okwesibhakabhaka evale indlu ngangabona lutho.
“Ngithwala umzukulu wami oneminyaka eyisithupha ngimkhipha endlini ngathola omakhelwane begijima macala onke bememeza becela usizo.
“Besizama nokucasha ngothayela obundizayo nezingubo.
“Kwaphela umzuzu ngizizwa sengathi ngifile, kwaba sengathi sikwelinye lamazwe akhungethwe yimpi esihlala siyibona kumabonakude,” kusho yena.
UMaria Kgosane uthe ubecabanga ukuthi kubanjwa inkunzi imoto yemali eduze.
“Ngaphuthuma ngathatha umshana wami onenyanga ezelwe ngesikhathi ngibona uphahla luphephuka ngamandla ngabalekela ngaphandle sesabela izimpilo zethu.
“Manje asinakhaya, angazi ukuthi sizolalaphi namhlanje ebusuku kulesi simo sezulu esishubile,” kusho yena.
Umthombo osendaweni yesigameko uthe izinga lomonakalo likhomba ukuthi beziningi iziqhumane ebezigcinwe emjondolo.

Okhulumela uMkhandlu waseKurhuleni uWilliam Ntladi uthe abezicishamlilo base-Springs babizwe mayelana nokusha komuzi nemoto, kodwa bathe befika bathola kulimale kakhulu.
“Imfucumfucu okuhlanganisa nothayela bekuphephuke kuyo yonke ingxenye yomphakathi,” usho kanje.
Abahlali abathathu abalimele baphuthunyiswe esibhedlela ngemoto ezimele. Ithimba lamabhomu nalo libiziwe ukuthi lizophenya futhi lizoqinisekisa uhlobo nenani leziqhumane ezisetshenzisiwe.
Esithombeni esingenhla: Umonakalo odalwe ukuqhuma kweziqhumane.
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo