Dylan Bettencourt
Ukuqhuma kwe-generator yesiteshi sikagesi e-Medupi kwenze umonakala ongathatha iminyaka emibili ukulungiswa kabusha futhi kuzobiza izigidigidi ezingama-20 kuya kwezingama-40 ngokusho kochwepheshe.
U-Eskom uthi lokhu kuqhuma okwenzeke endaweni kagesi e-Laphalale ngeSonto ebusuku. kwenzeke ngenkathi kuhanjiswa i-hydrogen ne-carbon dioxide kanye nomoya ngenhloso yokuthola ukuvuza okungaphandle.
Abekho abalimalile njengoba bekukhona abebengaphakathi.
U-Ted Blom ongumhlaziyo wamandla uthe umonakalo kwi-generator akaboni ukuthi usangalungiseka kumele benze indlela no-Eskom ukuthi kuthengwe enye.
I-generator entsha idinga imali ebalelwa kwizigidigidi ezingama-50 futhi kunganciphisa nesikhathi ebesizodleka ngokuyilungisa.
Ekhuluma ne-Business Day okhulumela u-Eskom uSikonathi Mantshanstha uthe umonakalo nokuthi uzolungiswa kanjani bekungakavezwa.
Abaphenyi be-forensic basebenzisana nenkampani yomshwalensi ukwenza uphenyo. Asikakabi nazo izimpendulo okwamanje.
Kukhona abamisiwe emsebenzini njengoba kusenziwa uphenyo ngaloludaba.
U-Eskom uthe abasebenzi abathintekayo kulokhu okwenzekile bazophenywa baphinde bathathelwe izinyathelo.
Uthe uphenyo lokuthi lokhu okwenzekile kuzoba namthelela muni kumphakathi lusabhekwa.
Umthombo wesithombe: @NSEnergy