Ukuqhudelana kukaVerstappen noNorris kudonse amehlo abantu emjahweni wase-Texas

Lubhalwe nguMichael Madyira

IFerrari ugubhe ukuqeda kuqala (one-two), kwathi uCharles Leclerc wawina i-United States Grand Prix ngaphambi kukazakwabo uCarlos Sainz e-Austin, e-Texas, ngeSonto.

Kodwa-ke, ukugqama komjaho kuthathwe impi ephakathi kukaMax Verstappen noLando Norris.

UNorris uqede isithathu kodwa wehliselwa endaweni yesine ngemuva kokuthola inhlawulo yemizuzwana emihlanu yokuphuma ngaphandle, okuvumele uVerstappen ukuthi athole indawo yokugcina endaweni kwi-podium.

Ukushuba kwesimo phakathi kwezimbangi uVerstappen noNorris kubonakale izigameko ezimbili ekuqaleni nasekupheleni komjaho.

UNorris oqale kwi-pole, usole uVerstappen ngokumphoqa ukuthi aphume emzileni, kodwa abaphathi bomjaho abazange bacabange ukuthi kudingekile ukuthi kuphenywe. Lokhu kuvumele uLeclerc ukuthi azihole phambili ayibambe kuze kube sekugcineni.

Kamuva kulo mjaho, uVerstappen ukhale ngokuthi uNorris uphumile emzileni. Lokhu kuholele ekujezisweni kukaNorris okumenze welahlekelwa ukuhlala endaweni yesithathu.

“Ngisacabanga ukuthi besisendaweni yesithathu, uma ubheka ukuthi uMax uphumile emzileni. Ngokujwayelekile, uma usivikela isikhundla sakho bese uphuma emzileni, kufanele usiyeke isikhundla,” kusho uNorris ngemuva komjaho.

“Kuleso simo bengiphambili, ngayigcina indawo yami ngoba ubedinga ukusibuyisela, futhi kunjalo nje.”

ULeclerc ushayele kahle kakhulu, esebenzisa impi kaVerstappen noNorris ukuze avikele ukunqoba kwakhe. Yize eqede endaweni yesithathu, uVerstappen welule ukuhola kwakhe kompetha wafinyelela kumaphuzu angu-57.

Njengoba sekusele imijaho emihlanu namaphuzu angu-146, impi isaqhubeka. U-Oscar Piastri weMcLaren uphume isihlanu, kwathi uGeorge Russell weMercedes walala endaweni yesithupha.

Esithombeni esingenhla: UCharles Leclerc ugubha ukuwina i-United States GP.

Umthombo: Ifomula 1

Izihloko zakamuva