Ukuqhathanisa i-Afcon nempi kube umthelela omubi e-Cameroon

Dylan Bettencourt

Umqeqeshi we-Egypt uCarlos Queiroz, uthe ngesikhathi uSamuel Eto’o eqhathanisa umdlalo we-Africa Cup of Nations Semifinal ne-Cameroon kwathumela umyalezo omubi kakhulu.

Kuqhamuke ividiyo yalowo owayengumdlali webhola, manje osenguMengameli we-Cameroon Football Federation, eqhathanisa umdlalo owandulela owamanqamu we-Afcon ngoLwesine phakathi kwe-Cameroon ne-Egypt njengempi eyenzeka izikhathi eziningi.

“Zilungiseleleni ngoba lokhu kuzoba impi,” kusho u-Eto’o.

Amazwi ka-Eto’o awehlanga kahle ku-Queiroz ngaphambi komdlalo.

Samsung Galaxy 14G

“Bekungamele aphawule ngalendlela,” kusho umqeqeshi oneminyaka engu-68.

“Kuthumela umyalezo omubi kakhulu kubantu base-Cameroon.  Lesi simemezelo sikhombise ukuthi akafundanga lutho ngenkathi esebholeni elikhokhelwayo.” 

Uthe ibhola alihlangene nempi.

“Ibhola limayelana nokubungaza, nenjabulo,” kusho umphathi wase-Portugal.

Ukhumbuze u-Eto’o ukuthi kushone abantu abayisishiyagalombili ngesikhathi kunyathelana abantu enkundleni yezemidlalo i-Olembe ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, kanti ukusetshenziswa kwegama elithi “impi” akunambitheki.

U-Eto’o ubize umdlalo webhola ngempi  ngesikhathi esibi lapho isifunda sase-Cameroon esiseNingizimu nentshonalanga sisathinteke kakhulu ngenxa yezingxabano.

Kusukela ngonyaka ka-2017 lesi sifunda sihlaselwe impi yombango njengoba amasosha ezama ukwakha i-Breakaway state ebizwa ngokuthi Ama-banzonia. Bangaphezu kwesigidi abantu abaphoqeleke ukuba babaleke emakhaya abo.

UQueiroz uthe yena nethimba lakhe bazohlinzeka ngempendulo efanele kumazwi ashiwo u-Eto’o.

“Sizophendula ngebhola elihle kakhulu, isimo sengqondo esihle kakhulu, kanye nebhola elisezingeni eliphezulu ngoba ilokhu abantu abakulindele kithi,” esho.

Umdlalo owandulela owamanqamu we-Afcon wesibili uzoba ngoLwesine ngo-9 ebusuku. Ozonqoba uzobhekana ne-Senegal kowamanqamu ngeSonto.

Umthombo wesithombe: @SportyAfrica

Scrolla World Cup Quiz