Ukuphuza utshwala obulingene ngosuku kungavikela isifo senhliziyo 

Ukuphuza utshwala kancane noma ngendlela elingene kungaba imfihlo yokunciphisa ukucindezeleka kanye nesifo senhliziyo.

Lokhu kungokocwaningo olishicilelwe kwi-Journal of the American College of Cardiology – kodwa ngaphambi kokuthi uthenge amabhodlela otshwala qala ubhekisise.

Ososayensi bahlaziye idatha evela kubantu abangaphezu kuka-50,000 bathola ukuthi isiphuzo esisodwa ngosuku kwabesifazane nesiphuzo esisodwa kuya kwezimbili ngosuku kwabesilisa kuhlobene nokuncipha komsebenzi wokucindezeleka ebuchosheni.

Ngokusobala ubuchopho buyashintsha kwabaphuza kancane kanti ingxenye ebalulekile yenhliziyo iyavikeleka. Kujabulele lokho!

Kodwa-ke, ucwaningo luphinde lwembula amaqiniso athile athusayo.

Ukuphuza ngokweqile njengeziphuzo ezingaphezu kuka-14 ngesonto kungandisa ingozi yokuhlaselwa isifo senhliziyo futhi kungaphinde kubangele izinkinga mayelana nokusebenza kobuchopho.

Odokotela benhliziyo basheshe bakuveza ukuthi nakuba utshwala bungase bube nezinzuzo empilweni yenhliziyo kodwa bufika nesethi yabo yobungozi.

Akukhona nje kuphela ukuthi ukuphuza noma yiliphi inani lotshwala kuphakamisa ingozi yokuba nomdlavuza kodwa kumele singakhohlwa ngebhabhalazi kanye “nomdanso” esizisola ngawo ekuseni.

Njengoba kungase kusetshenziswe lolu cwaningo njengezaba zokuzitika ngesiphuzo sasebusuku kuhle ukukhumbula ukuthi zikhona ezinye izindlela zokunciphisa ukucindezeleka nokuvikela inhliziyo yakho ngaphandle kwemiphumela eyingozi yotshwala.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: Ingilazi yewayini

Izihloko zakamuva