Ukuphikasana kwamaphoyisa kusolwe ngokwandisa amaphesenti angama-60 amacala okubulala nawocansi

Lungani Zungu

Impi eqhubekayo phakathi kukaNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele noKhomishani kuzwelonke uKhehla Sitole kusolwa ukuthi yiyona eyandise kakhulu ubugebengu phakathi kukaMbasa noNhlangulana.

UCele umemezele ngempelasonto ukuthi ubugebengu obuthinta ukubulala, ukuzama ukubulala namacala ocansi bunyuke ngo-60% phakathi komhla wokuqala kuMbasa kuya kumhla zingama-30 kuNhlangulana ngowezi-2021.

Uma kuqhathaniswa nesikhathi esijwayelekile sonyaka wezimali wezi-2019/2020 (ngaphambi komvalelo), ukubulala kukhuphuke ngo-6,7% kwikota yesibili yowezi-2021.

Uthe bayizi-5 760 abantu ababulewe ngalesi sikhathi.

UThandi Mkhize, oyibamba likaMengameli we-South African Policing Union, wethule inkulumo enokuthukuthela kuSitole noCele ngokwanda “kobugebengu”.

“Ukulethwa kwezidingongqangi sekuphazamiseke kakhulu kwaze kwaba sezingeni lokuthi kungalungiseki ngenkathi uKhomishani uSitole noNgqongqoshe uCele bebebambene ngezihluthu,” kusho uMkhize. I-Sapu inamalungu angaphezu kwayizi-80,000.

UMkhize usole uCele ngokugxila ezindabeni zokusebenza kunokuthuthukisa isimo samaphoyisa sokusebenza.

“Ngabe uNgqongqoshe uBheki Cele uzokwenzani ukunciphisa lokhu kwanda okungamukelekile nokwenyanyekayo kobugebengu?” kubuza uMkhize.

Ukungaboni ngasolinye phakathi kukaCele noSitole kuphazamise isimilo samaphoyisa kwadala uqhekeko emkhakheni, esho.

Ukuhlukana kubonakale kusuka esigungwini esiphezulu kwehlela kulokho akubiza ngamasosha ezinyawo.

“Kunzima kithina ukulwa nobugebengu uma sihlukene phakathi. Yingakho sibona lokhu kwanda okukhulu kobugebengu okungamukelekile”.

Unxuse uMengameli uRamaphosa ukuthi angenelele futhi avuselele isimilo samaphoyisa ngokuqeda umbango phakathi kwalabo abeseka uCele noSitole.

Inyunyana yabhalela uRamaphosa ngoMbasa imcela ukuba amise umbango phakathi kaCele noSitole.

Izihloko zakamuva