Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
UNdunankulu wase-Eastern Cape uLubabalo Oscar Mabuyane uphumelele esicelweni sakhe sokuqala semizamo yakhe yokuvimba uphenyo oluseqophelweni eliphezulu lokuthi wazithola kanjani iziqu ze-Masters.
UMabuyane uye eNkantolo eNkulu yaseBhisho ecela ukungabandakanywa ophenyweni lwenkohlakalo oluqhubekayo eNyuvesi yase-Fort Hare ophikweni oluphenya amacala akhethekile (SIU).
Ubekhalazela ukuthi i-SIU imfaka ophenyweni lwayo lwenkohlakalo eNyuvesi yase-Fort Hare enezinkinga ukuze kungcoliswe igama lakhe elihle.
UNdunankulu uthe uyaluthobela uphenyo lwe-SIU futhi uyalweseka mayelana nehlazo lokudayiswa kweziqu.
Umnyombo wophenyo lwe-SIU ngokubandakanyeka kukaMabuyane ophenyweni lweziqu ezingekho emthethweni ukuthi uNdunankulu wabhaliswa ngokungemthetho ohlelweni lwe-Masters kwathi ngokuhamba kwesikhathi wazama ukuguqula iziqu zakhe ze-Masters in Administration azenze ezobuDokotela.
UMabuyane uthe umsulwa futhi iziqu zakhe wazithola ngokusemthethweni ngaphandle kokusizwa inyuvesi.
Isinqumo senkantolo sithe “uphiko oluphenya amacala akhethekile aluvunyelwe ukusebenzisa isimemezelo sesi-84 sanyakenye esashicilelwa kwigazethi kahulumeni mhla zinhlanu kuNcwaba nyakenye njengoba uphiko oluphenya amacala akhethekile luthathe izinyathelo noma luhlose ukuthatha izinyathelo eziqondiswe kumfakisicelo.”
Kodwa-ke, lokhu akusona isiphetho ngalolu daba.
Ingxenye yesibili yesicelo sikaMabuyane ngeyokuthi lonke uphenyo ngehlazo leziqu zase-Forth Hare lumenyezelwe njengelingekho emthethweni.
Asikho isinqumo esikhishiwe kuleso sicelo.
Ngesonto eledlule i-Scrolla.Africa sifake imininingwane yecala lophiko oluphenya amacala akhethekile elibhekene noMabuyane.
Esithombeni esingenhla: ULubabalo Oscar Mabuyane