Kamogelo Olaitan
UTshepang Mahlangu owenza iziqu ze-Public Relations uvuka phakathi kwamabili afake izicelo zomsebenzi futhi ulala ngehora lesihlanu ekuseni okungenani kathathu ngesonto.
UMahlangu (28), angakwazi ukuthenga i-data lasebusuku kuphela. Lokhu uqale ukukwenza ngonyaka odlule. I-internship yakhe ayithola emnyangweni kahulumeni yaphela ngoLwezi ngo-2020 futhi akakaze athole umsebenzi kusukela lapho.
Uyingxenye ka-39.3% yabesifazane abamnyama abangasebenzi.
Lokhu kungaphezulu ngo-3.8% kunesilinganiso sikazwelonke sabo bonke abesifazane esime ku-35.5%.
Lokhu kuvezwe ngabe-Stats SA ocwaningweni lwabo lwe-Quarterly Labour Force Survey ngoLwesibili ekuseni.
Isazi sezibalo uJenene Risenga Maluleke uthe abesifazane abamnyama base-Afrika basasengozini yokuthola imisebenzi abangayifundele.
“Imakethe yezabasebenzi isaqhubeka nokuvuna abesilisa futhi ayikhombisi izimpawu zokuthi ikhona inqubekela phambili ekuthuthukiseni amathuba abesifazane,” kusho uMaluleke.
Kodwa-ke akukubi kangako kwimakethe yezabasebenzi ezweni.
Ngokwezibalo ze-Stats SA, izinga lokuntuleka kwemisebenzi lehle lafinyelela ku-33.9% wabasebenzi ngekota yesibili yakulo nyaka lisuka ku-34.5% kwikota edlule njengoba kwengezwe imisebenzi engu-640 000 kubasebenzi.
Isibalo sabantu abaqashiwe sibe ngu-15.6 million engxenyeni yesibili yakulo nyaka kanti isibalo sabantu abangasebenzi sifinyelele kwizigidi eziyisishiyagalombili.
Intsha eneminyaka engu-15 kuya kwengu-24 kanye neneminyaka engu-25 kuya kwengu-34 iqophe amazinga aphezulu okungasebenzi angu-61.4% nangu-41.2% ngokulandelana.
Izinzuzo ezinkulu zemisebenzi ziqoshwe emphakathini nasezinsizeni zezenhlalakahle, ezohwebo, ezezimali nezokwakha.
Kodwa-ke kube nokulahlekelwa okukhulu kwemisebenzi engu-73,000 kwezokukhiqiza nengu-53,000 kwezokuthutha.
Nakuba uMahlangu ethi ukuntuleka kwemisebenzi kuyamcindezela, ngokwezimali kanye nangokomzimba kanti uwela eqenjini labantu abasethubeni elihle abafuna umsebenzi kakhulu okungabafundi abaneziqu.
Izinga lokungaqashwa kwabafundi abaneziqu liphansi ngo-23.7 % njengoba kunezinga likazwelonke labangasebenzi kanti lokho kumbeka ethubeni elihle lokuthola umsebenzi.
“Ngikholwa ukuthi maduze ngizowuthola umsebenzi engiwufisayo kodwa izibalo azisiniki ithemba thina besifazane abamnyama,” esho.
Umthombo wesithombe: @InsideEducation