Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Behlome ngamabhala nezigubhu zopulasitiki, izakhamizi zasemijondolo yase-Everest Ekurhuleni zibonakale zeqa ucingo olucekelwe phansi ukuze ziyokha amanzi kompompi abangaphakathi emathuneni.
Izakhamizi ezihlala ngasemathuneni ase-Petersfield, e-Springs zithe ayikho enye into ezingayenza ngaphandle kokuthi zabelana ngamanzi nabashonile ngemuva kokuthi amanzi angaphumi kompompi kusukela ngoLwesihlanu.
Lokhu kulandela amahora angu-59 ngaphandle kwamanzi njengoba umasipala wase-Ekurhuleni ulungisa amapayipi amanzi.
Isakhamuzi u-Emily Mthombeni utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kufanele bakhethe phakathi kokukha amanzi emathuneni noma emfuleni wendawo.
“Ngenxa yokubheduka kwesifo sohudo siyawesaba amanzi asemfuleni. Sikholwa ukuthi amanzi asemathuneni aphephile,” esho.
“Amanzi aphuma empompini yasemathuneni anambitheka kangcono kunamanzi esihlezi siwathola kompompi bethu. Ukube besivunyelwe bengizohlezi ngikha amanzi lapha.”
Uthe amaloli amanzi azulazulayo awanele ukwabela yonke imijondolo nezinye izindawo ezingomakhelwane ngamanzi futhi bavame ukubuyela emakhaya nezigubhu zamanzi ezingenalutho.
Esinye isakhamuzi uNtombi Mahlangu wengeze ngokuthi uyesaba ukukha amanzi emathuneni ebusuku.
“Ngingumuntu wase-Afrika. Sihlezi sizwa izindaba ezithusayo ngamathuna. Angifuni ukuhlukumezeka. Kunezinkolelo zokuthi uma uya emathuneni ulanda umoya omubi,” esho.
“Kodwa akukho esingakwenza. Asinawo amanzi.”
Lezi zakhamizi zengeze ngokuthi zisazoqhubeka nokukha amanzi emathuneni kuze kube amanzi ayabuya endaweni yazo.
Okhulumela uMasipala uZweli Dlamini uthe i-Rand Water isikuphothulile ukulungisa amapayipi amanzi amahora angu-59 okuphazamise ukuhlinzekwa kwamanzi kwezinye izindawo zikamasipala.
“Umsebenzi uphothulwe ngempumelelo kodwa uhlelo alukakakhiqizi ngokwanele ukuhlinzeka ngamanzi kwezinye izindawo kanti ezinye izindawo zinomfutho ophansi wamanzi,” esho.
Esithombeni esingenhla: Izakhamizi ezikha amanzi emathuneni ase-Petersfield
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo