Celani Sikhakhane
Izinga eliphezulu lokwebiwa kwemfuyo, ikakhulukazi izinkomo eningizimu yaKwaZulu-Natali sekuphoqe imiphakathi yase-Harry Gwala ukuthi ithembele emahhashini ukuze ithole iholo.
Ilungu lomphakathi uXabiso Mjoli uthe amahhashi asephenduke insiza yezomnotho emiphakathini eminingi.
UMjoli ukhulume ne-Scrolla.Africa emjahweni wamahhashi wesifunda i-Harry Gwala ngoMgqibelo, obusesigodini saseMakhuzeni ngase-Underburg.
“Ezindaweni eziningi kusukela e-Bulwer kuya e-Kokstad nase-Matatiela abantu bayahlupheka ngenxa yokwebiwa kwezinkomo, kanti kwezinye izindawo abantu balala emahlathini begade uma kukhona izigebengu ezingase zifike zithathe izinkomo zabo,” usho kanje.
Lezi zigebengi zaziwa ngokuthutha izinkomo ezebiwe zeqe umngcele zingene e-Lesotho.
Selokhu bagxila emahhashini, abantu bendawo babone izinzuzo ezingalindelekile, ikakhulukazi emisebenzini engenisa imali.
Ukugibela amahhashi kule ndawo kube nomthelela ekwehliseni izinga labantu abangasebenzi.
Imeya uZamokwakhe Nxumalo uthe imiphakathi eminingi iyakwazi ukuzakhela imali ngokuhlalisa amahhashi omjaho nezivakashi.
“Lo mjaho uwodwa usiza imiphakathi yakule ndawo ukuthi ikwazi ukuthola imali ngokugada amahhashi aqhamuka e-Eastern Cape, e-Dundee, eMondlo nasezindaweni eziningi okuzongenelwa kuzo lo mjaho,” kusho uNxumalo.
“Umphakathi wethu uyakwazi ukuletha ukudla etafuleni ngosizo lwalokhu kugibela amahhashi esintu okwenzeka minyaka yonke.”
Ngonyaka wezi-2018, owayenguNgqongqoshe wezokuphepha nokuvikela ngaleso sikhathi uMxolisi Kaunda wamemezela ukuthi amanye amaphoyisa azobhekana nokwebiwa kwemfuyo kuleso sifunda.
Ngisho noNgqongqoshe ongasekho uMnumzane uBheki Ntuli wenza isithembiso esifanayo, kodwa asikho nesisodwa esifeziwe kwadingeka ukuthi abantu bakule ndawo bazibambele mathupha.