Ukunqoba noma yini impilo ekuphonsa kuwe

UMpho usebekezele ukudlwengulwa yizigebengu, ukuhlukunyezwa emshadweni, ukuzama ukuzibulala, igciwane lengculazi kanye nomdlavuza wezicubu zegazi – wanqoba khona kunjalo

Everson Luhanga

Amabhadi aqala ukumlandela uMpho Mazamane  eneminyaka eyi-11 kuphela.

•Uyise nonina bafaka isehlukaniso somshado wabo ngaso leso sikhathi uMpho eneminyaka eyi-11

•Ubaba wakhe wayeyisidakwa ephuza kakhulu utshwala

•Wayejwayele ukumshaya

UMpho, manje oneminyaka engama-46 ubudala, wabelane ngodaba lwakhe kwabakwa-Scrolla.Africa ehhovisi lakhe e-Vosloorus, e-Kurhuleni.

UMpho uthi wadlwengulwa yizigebengu eziyisishiyagalolunye eneminyaka eyi-15. Amthumba kanye nomngani wakhe e-Magaliesberg lapho yena namanye amantombazane ayi-10 babehambele khona.

Ekhumbula usuku ehlelwe ngalo usizi, uMpho uthi: “Ngesikathi siseholidini, mina nomngani wami saya endlini yangasese ngaphambi kokuba ibhasi esasihamba ngalo lisuke.

“Kwaqhamuka amadoda ayisishiyagalolunye avele angikhomba ngesibhamu aphinde akhomba umngani wami ngommese. Basitshela ukuthi asigxume singene evenini yabo base bahamba nathi. “

Uthe la madoda aqonda e-Kagiso e-East Rand lapho ayephethe izikhiye zamagceke esikole. “Basingenisa ekilasini lapho abasidlwengulela khona.

“Bebodwa, babeshintshana ubusuku bonke ngathi, basishiya sikhathazekile futhi singenamandla.

“Umngani wami wasinda ekudlwenguleni ngoba wayesesikhathini sabantu besifazane. Babemphoqa nje ukuthi abenze isenzo sokuya ocansini ngomlomo.

“Saba nenhlanhla yokuthi basishiya sisaphila esikoleni ngakusasa ekuseni.”

Uthi kwavulwa icala esiteshini samaphoyisa kodwa akakaze ezwe lutho oluqhamuka emaphoyiseni.

UMpho washada eneminyaka eyi-18.

•Uthe izinto zashintsha ngesikhathi engakwazi ukuthola abantwana noma ukukhulelwa. “Umyeni wami waqala ukungihlukumeza. Ubengihlukumeza ngokomzimba, ngokwemizwa nangokobulili ”

•Njalo ngempelasonto, amaphoyisa ase-Mohlakeng ayelindele ukuthi ngivule icala lokuhlasela ngumyeni wami

•Amaphoyisa akhathala yimi ngihlezi ngivulela isoka lami icala ebese ngiyalihoxisa futhi

•La avuleka khona amehlo ingesikhathi indoda yakhe ibhala incwadi yokuzibulala iphinde obulale naye uMpho

Umndeni wakhe wamthatha ukuba ayohlala nodadewabo kamzala wakhe eThekwini.

EThekwini waphinde wathola isoka wakhulelwa.

Le ndoda yamtshela ukuthi izombulala uma engasikhiphi isisu.

Udadewabo kamzala kaMpho wavele wambuyisla e-Mohlakeng ngokumesabela ukubulawa yisoka lakhe eThekwini.

UMpho wabe esehlolwa igciwane lengculazi watholakala ukuthi unalo. Ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokushona kwesoka lakhe laseThekwini, lamfonela uMpho lixolisa kuye lithi belazi ukuthi linegciwane ngesikhathi elala naye.

UMpho wateta indodana ephilile. “Kepha bekunzima kimi ukwamukela ukuthi nginegciwane lungculazi.

“Ngaya esitezi sesishiyagalombili sesibhedlela ukuze ngiziphose ngizibulale. Kodwa unogada wasesibhedlela wangbona wangvimba . “

UMpho uyisikhulumi esishukumisayo.

Ukhuluma esidlangalaleni ngesimo sakhe.

Lokhu akuzange kwehle kahle emndenini wakhe.

UMpho wxoshwa ngumawakhe kubo kanye nengane ngobo kuthi “uhlaza umndeni esidlangalaleni ngesimo sakhe”.

“Ngahamba ngayohlala ngaphansi kwebhuloho esiteshini sesitimela nendodana yami.”

•Phakathi kwezinto eziningi azifezile uMpho, wahalaliselwa njengothisha ofundisa kahle ngegciwane lesandulela ngculazi ngonyaka wezi-1998 – umklomelo wethulwa nguNelson Mandela

•Uthole futhi umklomelo ngonyaka wezi-2016 njengoMakhi Omuhle Wezinsiza wase-Vosloorus

Ngonyaka wezi-2012 kwatholakala ukuthi uMpho unesifo somdlavuza wezicubu zegazi futhi udokotela wamtshela ukuthi usenezinyanga eziyisikhombisa kuphela zokuphila.

Kepha ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili, lo owesifazane ojabule, ophilile futhi ongowesifazane oshadile.

Ngesonto eledlule, ngemuva kwengxoxo, bekudingeka ukuthi ayohlinzwa futhi.

Izihloko zakamuva