Menzi Magubane
IKaizer Chiefs kulindeleke ukuthi ivuselele inkontileka kakaputeni weqembu uBernard Parker, kanye noWillard Katsande – futhi lokhu akumangazi.
Izinkontileka zabo njengamanje bezizophela phakathi kwamabili ngoLwesithathu oluzayo kanti iqembu likulungele ukwelula ukuhlala kwabo e-Naturena omunye unyaka.
Abanye abadlali okulindeleke ukuthi baqhubeke neqembu kubalwa uLebohang Manyama, uBruce Bvuma no-Itumeleng Khune.
Okwamanje akukaziwa ukuthi umdlali ngamunye uzohlala isikhathi esingakanani kodwa kuyaqondakala ukuthi umqeqeshi osanda kuqokwa uStuart Baxter uzimisele ngokusebenzisana nabo.
Laba badlali bonke babambe iqhaza elikhulu emjahweni omangazayo waMakhosi kwi-CAF Champions League kule sizini. UBvuma wenze umsebenzi obabazekayo phakathi kwezinduku ngoMgqibelo ngesikhathi Amakhosi eshaya iWydad Casablanca ngo 1-0 ekuhambeni emlenzeni wokuqala we-semi final. Lokhu bekungukudlala kahle kwakhe kwesibili emidlalweni emithathu.
Ukunqoba okungumlando kusho ukuthi iChiefs ibe yiqembu lokuqala laseNingizimu Afrika ukushaya iWydad e-Morocco kanti baphinde baqeda nerekhodi lemidlalo eyi-14 yeWydad ingahlulwa.
U-Arthur Zwane uthe iqembu liphuthelwe yisipiliyoni sikaManyama esiswini, njengoba ebedlala ohlangothini.
“Kodwa, iqembu lenze kahle ukusenza sithole lokho esikuzele e-Morocco. Nginesiqiniseko sokuthi emlenzeni wesibili ekhaya uLebo uzobe esekulungele ukudlala,” engeza ngemuva komdlalo wangoMgqibelo.
UZwane uthe ubeqeqesha uBvuma eqenjini lentuthuko ngakho uyawazi amakhono akhe.
“Impela wenze lokho, yingakho evele wakhala izinyembezi ngemuva komdlalo. Ubekhethekile,” kusho lo mqeqeshi.
UKhama Billiat noRamahlwa Mphahlele nabo bebengekho e-Morocco ngenxa yokulimala isikhathi eside. UZwane uthe kungenzeka baphuthelwe nawumlenze wokubuya ngoMgqibelo.
Umthombo wesithombe @ kaizerchiefs