Ukunqoba kwe-ANC ithuba lokuthi uMagashule abuyise isithunzi sakhe

Ukuhlaba umxhwele kwe-ANC okhethweni lohulumeni basekhaya kudalele uAce Magashule ithuba elihle njengoba esemkhankasweni wokuzilungisa phambi kwamalungu e-ANC nabavoti.

Ukudalulwa kwenkohlakalo e-Free State kubandakanya ithenda yezigidi ezingama-R250 ye-asbestos bekusabisa izifiso zakhe zezepolitiki.

Kusukela okhethweni lokugcina ngoLwezi2j, uMagashule wethula lokho akubiza ngokuthi “Thank You Campaign” okwamvumela ukuthi abuyele emiphakathini eyibonge ngokuxhasa i-ANC.

Kuleli sonto i-ANC iwine amaphesenti angama-71 ezigceme ezingama-24 ebezincintisene phakathi naleli sonto ngokhetho.

Njengoba uMengameli uCyril Ramaphosa ematasa kakhulu kwezinye izici zekhalenda le-ANC, uMagashule nabalingani bakhe bezepolitiki kulindeleke ukuthi banqamule izwe bebuyela kubavoti ukuyobabonga.

Lo mlisa ubhekene namacala angama-21 enkohlakalo nokukhwabanisa kanti kulindeleke ukuthi avele phambi kwekomidi le-ANC lobuqotho ngoMgqibelo.

Njengoba uJacob Zuma engekho, uMagashule usheshe aqhamuke njengobuso bomphakathi beqembu likaZuma kwi-ANC.

Izolo iqembu lithe lithobekile ” ngokutshengiswa ukukhulu ukuthenjwa ngabavoti kwinhlangano yabo”.

“I-ANC igcine amawadi ayi-12 kuzwelonke, yawina amawadi amabili avela kwi-DA e-Oudtshoorn eNtshonalanga yeKapa, yalahlekelwa yiwadi eyodwa e-Overstrand eNtshonalanga yeKapa futhi yawina amawadi amathathu avela kwi-Better Residents Association eMpumalanga.”

Imiphumela ikhombise ukuthi abavoti bayaqhubeka nokulahla abazimele futhi i-EFF nayo yehlulekile ukugcizelela ezingeni lohulumeni basekhaya.

Yize leli qembu liyiqembu lesithathu elikhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika ephalamende kodwa alikwazanga ukuwina iwadi eyodwa kuleli sonto.

I-DA ithe, imiphumela yokhetho lokuchibiyela ikhombisa ukuthi iqembu “lisendleleni yokuzinza kabusha.

“Abantu baseNingizimu Afrika bakhombisile ukuthi babeka ithemba labo emaqenjini amakhulu afana ne-DA anerekhodi elihle lokuphatha, esikhundleni samaqembu amancane.

“Okhethweni lwayizolo, i-DA igcine amaWadi e-DA ayisithupha kwayisishiyagalombili, yathola ivoti elilinganiselwa kumaphesenti angama-68 ezigcemeni ebesiziphethe. Sithole amavoti amaningi eDolobheni LaseKapa (kuWadi le-115) ngamaphesenti angama-82.30 kwathi iTheku (iWadi lama-66) lathola amavoti angama-85.03,” kusho iqembu esitatimendeni.

Izihloko zakamuva