Ukunqatshelwa i-Visa kuphazamise izinhlelo zomculi waseNigeria zokuza eMzansi

Ukuza kuka-Ayra Starr obekubhekwe ngabomvu eNingizimu Afrika angeke kusenzeka.

Njengoba abalandeli baseKapa naseGoli bebezilungiselela ukubona umculo lo mculi kule nyanga bazophoxeka njengoba imicimbi isihoxisiwe.

U-Ayra nethimba lakhe bazithola besesimeni esimbi njengoba izicelo zabo ze-visa zichithiwe.

“Siyaxolisa ukumemezela ukuhoxiswa kwemicimbi ka-Ayra Starr ebihlelelwe ukuba seGoli naseKapa eNingizimu Afrika ngomhlaka-16 nangomhlaka-17 kuNhlolanja ngo-2024,” kuchaza isitatimende esisemthethweni: .

“Okubuhlungu lokhu sekwenzeke izikhathi eziningi kwabanye abaculi base-West Afrika kanti ukunqatshwa kwesicelo se-visa kusuke kungalona iphutha labo.”

Umhleli womcimbi uthe abathenge amathikithi bazobuyiselwa imali yabo kuleli sonto elizayo.

Abalandeli abaningi bebegcwele ukudideka. Oyi-Influencer uKim Jayde uzame ukwehlisa umoya ngomyalezo wakhe othi: “Ngokusobala sidumele kakhulu, kodwa sibheke ngabomvu imicimbi ejabulisayo unyaka wonke!”

Kanti uLady Du akakholwa.

“Kanjani i-Visa eNingizimu Africa akukwazi,” enanela ukushaqeka okuzwiwa abaningi.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: U-Ayra Starr.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva