Ukunqatshelwa ama-visa kuthikameza abaculi base-Afrika

Lubhalwe ngu-Idoko Salihu

Amaciko ase-Afrika aya ngokuya abhekana nokunqatshelwa ukuthola ama-visa ezingxenyeni ezahlukene zomhlaba – ngenxa yokuthi izikhulu zabaphuma emazweni angaphandle  zicabanga ukuthi angeke besafuna  ukubuyela ekhaya.

Umshikashika wakamuva womculi wase-Kenya, u-Coco Em wokuya emcimbini wokucula e-Cape Verde ngokudlula e-Amsterdam kuvuselele ukukhathazeka mayelana nokuphathwa ngendlela engenabulungiswa okubonakala kwenziwa kubantu base-Afrika.

Wabelana ngolwazi lwakhe ekhasini lakhe laku-Twitter ngoLwezi nyakenye.

UCoco Em ogama lakhe langempela ngu-Emma Nzioka wayemenyelwe ukuyocula emcimbini we-Terra Sagrada kodwa wanqatshelwa ukuhamba iqhaza kulo mcimbi.

Wayekubheke ngabomvu ukuyonandisa kulo mcimbi futhi wenza amalungiselelo cishe unyaka wonke, kodwa watshelwa esikhumulweni sezindiza ezweni lakubo ukuthi ngeke akwazi ukugibela indiza ngaphandle kokuthi athenge ithikithi lokubuyela emuva.

“Lo mthetho awubhalwangkusizindalwazi sabo.” ebhala esitatimendeni ekhalaza ngalo mthetho.

Nakuba wathi wayene-visa ye-Schengen esebenzayo i-visa ekuvumela ukuthi ungene emazweni angu-27  aseYurophu endaweni yase-Schengen kubalwa ne-Netherlands, uCoco Em wathi kwakunezinye izizathu ezenza angavunyelwa ukuhamba.

Ngokusho kwakhe, abasebenzi benkampani yezindiza bathi abanaso isiqiniseko sobudlelwano bakhe nezwe lakubo. “Unesiqiniseko sokuthi uzobuya mmmh?” Uthi abasebenzi bambuza lokho.

Ngaphezu kwalokho, isitatimende sakhe saveza ukuthi izinsolo zabantu base-Afrika abadala uthuthuva, ukudatshulwa kwamaphasiphothi abo kanye nokwenqaba ukuhamba baze badingiswe yikhona okwenza ukuthi kube nemithetho eqinile.

Ngokufanayo umculi we-Afropop wase-Nigeria, uYemi Alade neqembu lakhe banqatshelwa ama-visa okuya kwi-International Africa Nights festival e-Canada.

Nakuba lo mculi eseke wahambela amazwe amaningi emhlabeni isicelo sakhe se-visa sanqatshwa ngaphambi kokuthi afike e-Montreal.

Ngokusho kukaSuzanne Rousseau ongumsunguli walo mcimbi banqatshelwa ama-visa ngenxa yokwesaba ukuthi yena neqembu lakhe ngeke behambe e-Canada ngemuva kokucula.

“Ekugcineni, sithole impendulo ethi abaculi banqatshelwa ama-visa  bethi kumele baqinisekise ukuthi banemali eyanele yokubuyela ezweni labo,” esho.

Esikhundleni sika-Alade kwagcina kufakwe uSampa the Great ongumculi wase-Australia odabuka e-Zambia.

Ngo-2019 abaculi ababili base-Tanzania uDJ Duke kanye noMCZO banqatshelwa ama-visa okuya eMelika ngemuva kokuthi bathi basebenzise imali eningi befaka izicelo.

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi yini engenzeka uma lokhu kuba umkhuba okhulayo, u-Ogagus ongumphathi wabaculi ne-A&R uthe “kuzokwenza ukuthi ukumenywa abaculi base-Afrika ukuvakasha noma ukuya emcimbini kube ingozi futhi kube nzima kakhulu.”

Ecacisa ngokwenzeka odabeni lukaYemi Alade, u-Ogaba Onazi ophinde abe ilungu lenkampani ka-Alade eqophayo uthe: “Siphinde safaka isicelo futhi sasithola. Ngakho ungasho ukuthi ukunqatshelwa kukaYemi kwaba iphutha elasheshe lalungiswa.

Izihloko zakamuva