Ukunqanyukelwa umlenze akumtheni amandla oweGomora

Linda Ximba

Owayengumlingisi we-Gomora u-Israel Matseke-Zulu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akasakwazi ukulinda ukuthi athole umlenze wakhe wokufakelwa bese ebuyela emdlalweni kamabonakude. Uthe umlenze wokufakelwa uzowuthola ezinyangeni ezintathu.

Lesi sihlabani siyeke ukulingisa  kuMzansi Magic telenovela ngemuva kokuthola ukuthi unesilonda esibhibhayo.

Waphoqeleka ukuthi anqunywe umlenze kwesokudla ngenxa yokugula osekunesikhathi kumhlupha.

UMatseke-Zulu uvulele i-Scrolla.Africa isifuba ngobuhlungu okumele abubekezelele.

“Bekungelula ukubhekana neqiniso lokuthi kufanele ngiphile ngaphandle kwemilenze yami yomibili yemvelo, kodwa ukusekelwa umndeni wami oseduze kanye nemfudumalo ekhonjiswe abalandeli bami kungenze ngaba namandla futhi ngaqhubekela phambili nempilo yami,” kusho lo mlingisi. 

Lesi sihlabani esidalule ukuthi kunesikhathi lapho bekudingeka ukuthi ahambe ngesihlalo esinamasondo sithe siphuthelwe izinto eziningi kumdlalo wakumabonakude.

“Ukusebenza kuyimpilo yami. Ngaphambi kokuba ukugula kugadle ngangijabulela indima yami njengoDon kwiGomora. 

Kodwa okwamanje ngisidinga ngempela lesi sikhathi ukululama ukuze ngesikhathi kufika umlenze wami wokufakelwa ngemuva kwezinyanga ezintathu ngibe sengiluleme. Abalandeli bami akumele balahle ithemba ngoba ngizobuya nginamandla.”

UMatseke-Zulu uphinde wathi uhlale exhumana nabadidiyeli nabaqondisi, okuyizinkomba zokuthi ikhono lakhe lisadingeka endimeni yezobuciko.

Lo mlingisi useke wabamba iqhaza efilimini eyawina izindondo okubalwa iTsotsi, iGaz’Lami, iYizo Yizo kanti useke wazifaka emculweni wakhipha ingoma ezibiza ngegama elithi Ma-Orange.

Izihloko zakamuva