Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Ugesi usazoqhubeka ucishwe iminyaka emibili, kumemezela uSihlalo webhodi lakwa-Eskom, uMpho Makwana ngeSonto ekuseni.
UMakwana uxwayise ngokuthi kuzothatha okungenani iminyaka emibili ukulungisa izizinda zikagesi eziphukile zakwa-Eskom ziphinde zilungiswe zibe sesimweni esifanele.
U-Eskom ukhulume nabezindaba ngeSonto, ngemuva kosuku iKomidi Likazwelonke Lezinkinga Zamandla (i-Necom) ibathwese icala lokuthola izisombululo enkingeni kagesi, lakhipha inqubekelaphambili yezinyanga eziyisithupha mayelana nokuqalwa kohlelo lukahulumeni Lwezamandla.
Izwe lingene shi ekucinyweni kukagesi kusukela ngonyaka odlule.
UMakwana uphinde waveza ukuthi abantu bakuleli bangalindela ukucishwa kukagesi njalo esigabeni sokuqala kuya kwesesithathu eminyakeni emibili ezayo.
UMakwana uthe ibhodi elisha kudingeke ukuthi lishaye phansi ngonyawo kwa-Eskom futhi libeke izinto ezibalulekile ze-Necom phambili.
“Selokhu langena esikhundleni ezinsukwini ezingu-112 ibhodi lakwa-Eskom selihlangane izikhathi cishe ezingu-50,” kusho uMakwana. “Uhlelo lokubuyisela ukusebenza kwemishini luzoqhutshwa ngamandla nangenkampani yangaphandle elawula amaphrojekthi futhi ezoqinisekisa ukuthi izinto zihamba kahle ngaso sonke isikhathi.”
Kodwa-ke, iqiniso ukuthi ukutholwa kabusha kwemikhumbi yamalahle yakwa-Eskom ngeke kuzuzwe esikhathini esifushane.”
Uthe izinkomba ezibalulekile ukulungisa izinkinga ezikhungethe u-Eskom ezithinta ubuholi, usiko lenhlangano kanye nokulawulwa kabi kwangaphakathi.
Isikhulu esiphezulu sakwa-Eskom, u-Andre de Ruyter uthe “u-Eskom ukhangisa ngamaphrojekthi kagesi azimele ukuthi angene kuwo.”
Khonamanjalo u-De Ruyter uthe” ama-unithi amahlanu esiteshi sikagesi iKusile kulindeleke ukuthi ihambisane ne-grid ngoNtulikazi ngemuva kwalokho engeze u-700 MW kanti i-IMedupi 4 kulindeleke ukuthi ibuyele esimweni ngoMandulo ngonyaka ozayo kanti i-Koeberg unit 1 kulindeleke ukuthi ibuye ngoNhlangulana.
UDe Ruyter uthe ebusika, ukunakekelwa okuhleliwe kuzokwehliswa.
Nakuba amandla azohlala encishisiwe cishe unyaka wonke ka-2023, sekuvele kunesilinganiso esilinganiselwa ku-9200 MW samaphrojekthi okukhiqiza afakiwe. Uma engezwa kwi-grid, sizobona umehluko omkhulu.”
UMakwana esephetha ukhiphe isicelo sokuthi izinkampani, amahhovisi kahulumeni kanye nomasipala bafake ugesi osebenza ngelanga ophahleni.