Dylan Bettencourt
Iqembu lebhola labesifazane e-Khayelitsha eKapa liphoqeleke ukuthi limise ukuzilolonga ngenxa yokuthi inkundla yalo igcwele indle nodoti.
Umqeqeshi we-Resilient and Victorious United Women’s Football Club uVuyolwethu Kayi uthe lokhu kwenzeka kaningi futhi sekuholele ekutheni inkundla ingcole kakhulu njengoba kubikiwe kwi-Ground Up.
Lokhu kusho ukuthi iqembu alikwazi ukulungiselela imidlalo njengoba libheke ngabomvu ukuzama ukuthola enye inkundla.
Le nkundla yakhiwa ngo-2010 ngesikhathi sendebe yomhlaba ye-Fifa, kodwa izinkinga zoxhaso bezenza ukuthi i-Grassroots, okuyinhlangano engenzi nzuzo eyakha le nkundla lokhu ikudlulisele kuMasipala waseKapa.
Umqeqeshi uKayi uthe izinkinga ziqale ngesikhathi uMasipala usuqalile ukulungisa indle endaweni eseduze.
“UMasipala uthembise ukuthi uzoyilungisa ekupheleni kukaNtulikazi, kodwa akukho osekwenziwe,” kusho uKayi.
Ikhansela lewadi u-Anele Gabuza uthe: “Indle idala ukungcola nomonakalo. Le ndawo yayikade iyinhle futhi ihlanzekile.
Inkundla kanobhutshuzwayo ibinotshani obuluhlaza nothango futhi isetshenziswa intsha uma idlala imidlalo yayo yebhola. Manje akukho lutho,”
Ilungu le-Mayco le-Community Service and Health uPatricia van der Ross uthe le ndawo iyichibi eligcina amanzi ezikhukhula.
“Izikhukhula zidalwe izinto zangaphandle ezisemapayipini amanzi ezikhukhula njengesihlabathi esivalekile, amatshe, udoti nezinye izinto eziningi ezivimba ukuhamba kwamanzi.”
UVan der Ross uthe inkundla yebhola izoshintshwa uma sekukhona uxhaso, kodwa akakwazanga ukunikeza inkomba yokuthi lokho kungaba nini.
Umthombo wesithombe: @GroundUp