Ukungazi kufana nokungaboni kwabancoma ukuhlasela kweRussia e-Ukraine

Zukile Majova

Akumangazi ukuthi izindaba zempi yase-Ukraine zidonse amehlo kubantu baseNingizimu Afrika okuhlanganisa nentsha yasemakhaya e-Eastern Cape.

Kumele ngivume ukuthi bengingalunakile kangako lulu daba,  kuze kube ngibona intsha yasesigodini sase-Dangwana kwaBhaca ibuka lezi zindaba kumabonakude endaweni yokucima ukoma. 

Ukujabula nokudumisa kwabo uMengameli wase-Russia uVladimir Putin kungiphoqe ukuthi ngingenelele engxoxweni yabo.

Ngokuyisisekelo abantu abaningi emhlabeni bakholelwa ukuthi izikhungo zangemuva kwempi yezwe yesibili njengeNhlangano Yezizwe kanye nohlelo lwezimali lwe-Bretton Woods olwakhiwe i-IMF kanye nebhange lomhlaba zehlulekile ukuletha umhlaba onobulungiswa.

Bahlulekile ukuvikela ama-Afrika ekubulaweni kohlanga e-Rwanda nase-Sudan futhi bayaqhubeka nokudla izimali zohulumeni emhlabeni.

Yingakho abantu bebona uPutin njengeqhawe elinesibindi sokubhekana nokubi.

Ngokunjalo abantu baseningizimu bebencoma uMengameli wase-Zimbabwe ongasekho uRobert Mugabe njengeqhawe elanqobayo ngikumelana namazwe aseNtshonalanga.

Akekho owabatshela ukuthi izikhathi zamadoda anamandla afuna ukuxazulula izingxabano ngezingxoxo sezadlula kudala.

Kodwa likhona ithemba ngoba okokuqala ngqa emlandweni ukuthi umhlaba wonke ube ngofakazi  ngomzuzu wale mpi.

Le mpi izokhonjiswa kubantu abangaphezu kwezigidigidi eziyisikhombisa kumabonakude nasezinkundleni zokuxhumana. 

Eminyakeni engaphezu kwengu-70 edlule;  abantu babevame ukuzwa ngempi emsakazweni nangezincwadi ezihlasimulisayo ezivela kumasosha.

Kulokhu bazobona amabhomu eqhunyiswa emathangini ase-Russia babone nezindiza zehla ezindlini zabantu.

Angeke kufundwe ngalokhu ezincwadini, kodwa lokhu okwakwenzeka sizobe sikubona ngamehlo enyama.

Sizobona izigidi zabantu ziphoqeleka ukuba zishiye amakhaya azo ziyohlala ezindaweni lapho zizolamba khona ziphelelwe amathemba.

Ngemuva kwesikhathi eside le mpi isiphelile, izinkulungwane zabantu azisoze zalulama kuyo okuyilapho abaningi bezohlushwa izinkinga zengcindezi yenhlekelele, ukukhathazeka nokuhlezi becabanga ngesimo abaphuma kuso.

Le mpi ibeka engcupheni ukwethembeka kwenhlangano yezizwe ezihlangene kanye noMkhandlu Wezokuphepha we-UN.

Abantu baseNingizimu Afrika abajabulela inkululeko eyalethwa ubumbano lanamuhla elaligwema uhlelo olubi lobandlululo ngeke manje bashayele izandla isiqhwaga esinjengoPutin.

Scrolla World Cup Quiz