Celani Sikhakhane
Umbono wokuthi i-ANC KwaZulu-Natali ibingaboni ngaso linye neSilo samaZulu, iSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini kungenzeka ukuthi ulahlekisele leli qembu okhethweni.
Uhulumeni we-ANC waphuca iSilo isivikelo sesihlalo esihloniphekile ngesikhathi uhulumeni wesifundazwe enqaba ukukhipha isabelomali seSilo sonyaka.
Iqembu elibusayo nalo lihlulekile ukumema iSilo uma kuvulwa isiShayamthetho saKwaZulu-Natali kanti kungenzeka ukuthi lokhu kuthukuthelise abantu abaningi esifundazweni.
Abaholi be-ANC abangathandanga kudalulwe amagama abo bakhulume ne-Scrolla.Africa bathi ukukhathazeka kuqubuke ngesikhathi kunezimpawu ezicacile zokungakwemukeli ngesikhathi uhulumeni we-ANC ephuca iSilo uphiko lokuvikela isihlalo esikhethekile.
“Abantu baKwaZulu-Natali bathanda ukugcinwa kwemithetho futhi basihlonipha kakhulu iSilo sabo. Abaholi bamanje abaqondi ukuthi abaholi abafana nowayenguMengameli uJacob Zuma balwa kanjani ukuze basondelane neSilo Samabandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu osakhothama.
“Lelo qhinga layisebenzela i-ANC sabona ukukhula okukhulu esifundazweni, lasiza abaholi abafana nodokotela uSbu Ndebele nodokotela uZweli Mkhize ukuthi bawine KwaZulu-Natali ngonyaka wezi-2004 bephuma ku-IFP baphinde balawula omasipala nezifunda ezibalulekile ngonyaka wezi-2006,” kusho omunye umholi.
I-ANC ithuse abaningi ngemuva kokuvela kokuthi kukhona abaholi bayo abafuna iSilo Samabandla uMisuzulu siphucwe isabelo sezimali sonyaka sezigidi ezi-65 zamarandi.
Okokuqala ngqa emlandweni ukuthi uhulumeni we-ANC ahoxise ukwesekwa kwawo emicimbini yaminyaka yonke yaseNdlunkulu kaZulu, okuhlanganisa nomgubho wodumo iNkosi uShaka, uMkhosi woMhlanga, uMkhosi woSelwa, i-Anglo Zulu war Isandlwane Commemoration neminye.
Ngosuku olwandulela ukhetho lwasekhaya, umsunguli we-IFP uMntwana kaphindangene uMangosuthu Buthelezi ubonakale eyinsika enkulu yeSilo neNgonyama kaZulu.
Ukuma kukaButhelezi njengekhehla lombuso ngezikhathi zalezi zinxushunxushu eNdlunkulu kaZulu kwavuselela udumo lwakhe kwasondeza isicoco ku-IFP.
Ukuvuselelwa kabusha kwe-IFP, umkhankaso wayo owawuholwa nguButhelezi, kuwumphumela oqondile wezinyanga zobuqili bomsunguli wayo.
I-ANC ihlukumezeke kakhulu ngemuva kokuthi ilahlekelwe omasipala abaningi bendawo nabezifunda ngenxa ye-IFP, i-DA ne-NFP.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natali, uMnumzane Nhlakanipho Ntombela, uthe basafuna ukuyocupha ukuze babheke ukuthi bawenza kuphi amaphutha.
“Siyi-ANC sizozicabangela silungise amaphutha ethu,” kusho uNtombela.