Ukungalingani ngokwebala kukhulu ukudlula ngendlela obucabanga ngayo

Arthur Greene

Liya ngokukhula igebe phakathi kwabantu abamnyama abahluphekayo eNingizimu Afrika  nabamhlophe abacebe kakhulu eNingizimu Afrika.

Ucwaningo olusha lukhombisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abacebe kakhulu abayizi-3 500 banemali engaphezu kwabantu abampofu abayizigidi ezingama-32.

Njengoba abacebile baceba kusukela ngowe-1994, imali engenayo yabaantu abampofu baseNingizimu Afrika yehlile.

Kukhona izindaba ezimnandi – igebe lilonke lokungalingani ngokobuhlanga lehlile kusukela ngowe-1994, ngenxa yemithetho yokuqashwa kanye nobunikazi bezinkampani okuhloswe ngayo ukulungisa ifa lobandlululo.

Kodwa abaningi abazuzile kulezi zinguquko bagcine sebevaleleke phezulu kwabathola imali.

Khonamanjalo, igebe phakathi kwabantu  baseNingizimu Afrika abampofu  nabantu abaMnyama, kanye naba phezulu abahola imali eningi selikhule kakhulu.

“Abukho ubufakazi bokuthi ukungalingani kwengcebo kwehlile selokhu kwaphela ubandlululo,” kusho omunye wemibiko, we-World Inequality Lab.

Umbiko uphinde wathola ukuthi u-1% ocebe kakhulu eNingizimu Afrika ukhuphule isabelo sabo somnotho selokhu kwaphela ubandlululo.

Ngowe-1990, abantu abaMhlophe bathola imali ephindwe kasikhombisa kunabantu abaMnyama. Ekupheleni kweminyaka yama-2010, benze cishe ephindwe kane ngaphezulu.

Khonamanjalo inani labantu abaMnyama kwabangu-10% abahola phambili ezweni linyuke kakhulu.

Umbiko uthole ukuthi lokhu “kubangelwa kakhulu ukuvela kweqembu elisha labamnyama”.

Kodwa-ke, ucwaningo luthole ukuthi lezi zinguquko azenzanga lutho ukusiza abantu abaMnyama abanhlwempu kakhulu ezweni, imali yabo eyehla kusukela ngowe-1994.

Umthombo wesithombe: @thedailyvox

Izihloko zakamuva