Lungani Zungu
Lowo odelela umthetho uJacob Zuma angahlala izinyanga eziyisithupha ejele.
Isazi sezomthetho uAnton Van Dalsen utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi lowo owayengumengameli angathola isigwebo sejele noma ahlawuliswe kanzima.
“UZuma wenza sengathi uphezu komthetho,” kusho uVan Dalen.
UZuma uyalelwe ukuthi avele ngaphambi kweKhomishini Yokuphenya Ukulawulwa Kombuso Yindlanzana phakathi komhla zi-15 nomhla zi-19 kuNhlolanja njengokuyalelwa yiNkantolo Yomthethosisekelo.
Kodwa ngoMsombuluko, uZuma usole ikhomishini ngokungabi nabulungiswa kuye kanye nokumphatha ngendlela engafanele, wathi ukulungele ukuya ejele uma kumele, kodwa ngeke avele enkantolo.
UVan Dalsen uthe, “Uma eqhubeka nokudelela umyalelo wenkantolo, abomthetho kuzofanele bambophe, futhi angahlala izinyanga eziyisithupha ejele.”
Uthe angahlawuliswa uZuma.
UVan Dalsen uthe kuyacaca ebufakazini obukule khomishini ukuthi uZuma wayishaya indiva intando yeningi yoMthethosisekelo ngesikhathi esengumengameli.
Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Thabani Khumalo uvumile wathi uZuma nabalingani bakhe bephula uMthethosisekelo ngamabomu ngenxa yezinjongo zabo.
Izolo ebusuku, ikhomishini eholwa yiPhini leNhloko yamaJaji uMnuz Raymond Zondo, ithe izovulela lowo owayengumengameli icala uma ephikisana nomyalelo wenkantolo.
Esitatimendeni, unobhala wekhomishini uSolwazi Itumeleng Mosala uthe isinqumo sikaZuma sikhombisa ukungawanaki ngokuphelele amalungelo nezintshisekelo zabantu baseNingizimu Afrika nokwazi ukuthi izindaba zezwe zaziphathwa kanjani ngesikhathi sakhe sokuphatha.
UMosala uthe uZondo kuphela ongaphawula ngokuhlaselwa kwakhe ngumengameli wangaphambilini.
Namuhlanje, ngesikhathi evakashele umndeni kaRebecca Kotane ongasekho owayesemzabalazweni, uNobhala-Jikelele we-ANC uAce Magashule uthe, “Ngiyamhlonipha uzakwethu uZuma. Ngelinye ilanga sizokhuluma ngokwenzeka eNingizimu Afrika. Ziningi izinto ezingalungile ezenzekayo kuleli”.
Uthe akekho owakhuluma ngoMengameli wobandlululo uPW Botha enqaba ukuya kwiKhomishini yeQiniso nokuXolelana (TRC).
Umthombo wesithombe: @President_JZuma