Ukungaguquki kungayiphazamisa i-Pirates

Ukungaguquki kungahle kulahlekisele i-Orlando Pirates ngesicoco seligi se-DStv Premiership.

Abalandeli be-Pirates banganikela nganoma yini ukubona iqembu labo liphakamisa iligi ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili. Kodwa ukungahambisani kube yinkinga enkulu ye-Pirates eminyakeni edlule.

Ukubabuka enkundleni kuhlala kuyintokozo , kepha lapho impempe yokugcina ikhala bebevame ukungabi nalutho abalukhombisayo.

Kule sizini badlala ibhola elihle beholwa nguJosef Zinnbauer noFadlu Davids kodwa imiphumela ikhombisa ukuthi sebesele ngamaphuzu amane kubaholi be-log i-Mamelodi Sundowns.

Kusasa ntambama badlala ne-Cape Town City enenkani enkundleni yezemidlalo i-Danie Craven  ngo-3.30 ntambama e-Mother City.

“Kumele siqale ukubuyisa ifomu yeligi yethu emgqeni,” kusho uDavids.

“Asicabangi nganoma yini enye kodwa amaphuzu aphezulu.”

I-Citizens ayiduduleki futhi uDavids uyakwazi lokho.

“Uma siya eKapa kuhlale kunzima ikakhulukazi uma sibhekene ne-Cape Town City. Bahleleke kahle futhi bahlasela noma yini,” kusho uDavids.

Ngempelasonto edlule i-Pirates ibibhekene nokuhlulwa kwayo kokuqala kwesizini kwaze kwaba yilapho uTshegofatsho Mabasa ezoyitakula ngokukhahlela kokugcina komdlalo.

Lokho kudlala ekhaya kubonakale kwehla endaweni yesithathu namaphuzu amabili ngemuva komakhelwane babo base-Soweto i-Swallows FC ngemuva kwemidlalo emihlanu. Ngakolunye uhlangothi i-City isendaweni yesithupha ngephuzu elilodwa ngemuva kwe-Pirates.

Eminye imidlalo ye-DStv Premiership

NgoMgqibelo: Golden Arrows izodlala ne-Swallows (e-Sugar Ray Xulu Stadium, ngo-3.30pm); Tshakuma Tsha Madzivhandila izodlala naMaZulu (e-Thohoyandou Stadium, ngo-6pm), Maritzburg United izodlala ne-Mamelodi Sundowns (e-Harry Gwala Stadium, ngo-8.15pm)

NgeSonto: TS Galaxy izodlala ne-Stellenbosch (e-Mbombela Stadium, ngo-3.30pm); I-Baroka izodlala ne-Chippa United (e-Peter Mokaba Stadium, ngo-3.30pm).

Umthombo wesithombe: @orlandopirates

Izihloko zakamuva