Ukungagomi komdlali wethenisi uNovak kungamvimbela ukuthi angenele umqhudelwano ozobe use-Australia

Dylan Bettencourt

Umdlali wethenisi ohamba phambili emhlabeni uNovak Djokovic usezophuthelwa yi-Australian Open njengoba ithuba lokuwina irekhodi lo mqhudelwano lidlula ezandleni zakhe.

Abahleli bomqhudelwano badinga ukuthi bonke abadlali bagonywe ukuze baqhudelane e-Melbourne, ku-Grand Slam yokuqala yonyaka kanti uDjokovic ucophelele ngokudalula isimo sakhe sokugoma.

“Mayelana nokugoma kanye nokungagomi, kuyilungelo lomuntu ngamunye ukuthi sizogonywa noma cha. Akekho onelungelo lokungena ebudlelwaneni bethu,” kusho ubaba kaDjokovic uSrdjan etshela i-B92.

Uyise walesi sihlabani uqhubekile nokubiza lesi simo ngokuthi ukufaka ingcindezi wathi indodana yakhe ngeke iqhudelane ngaphansi kwalezi zimo.

UDjokovic usenqenqemeni yomlando, futhi abaningi bakholelwa ukuthi i-Australian Open yithuba lakhe lokuba ngumdlali onezicoco eziningi ze-Grand Slam emlandweni. UDjokovic, uRoger Federer noRafael Nadal bonke bawine ama-slamms angama-20.

Uma uDjokovic engasishintshi isimo sakhe sokugoma, angase angaphinde awine i-Grand Slam yakhe yama-21 njengoba kuzoya ngokuthi eminye imiqhudelwano yonyaka wonke izodinga ukuthi abahlanganyeli bagonywe.

Lo mdlali oneminyaka engama-34 ubudala uwine irekhodi le-Australian Open izikhathi eziyisishiyagalolunye, okuhlanganisa nemiqhudelwano emithathu yokugcina kanye nesilinganiso sokuwina esingamaphesenti angama-91% emqhudelwaneni. Uzoba yintandokazi enkulu ukuphinde aphakamise indebe.

Yize kungacaci ukuthi uDjokovic uzogijima yini e-Australia, uNadal ukuqinisekisile ukuthi uzowungenela lo mqhudelwano kanti uFederer usahlushwa ukulimala edolweni okuzomenza angangeni kulo mqhudelwano.

Uma uDjokovic ekhetha ukuphuthelwa i-Melbourne, i-Australia izobona umpetha omusha we-Grand Slam yabo yodumo okokuqala ngqa kusukela ngonyaka wezi-2018 lapho uFederer aphakamisa khona indebe.

I-Australian Open kulindeleke ukuthi iqale mhla ziyi-17 kuMasingana

Umthombo wesithombe: @Insider

Izihloko zakamuva