Ukungagomeli i-Covid-19 kufake owelomphebezo enkingeni 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UNovak Djokovic ngeke abambe iqhaza kwi-Indian Wells BNP Paribas Open kule mpelasonto ngemuva kokuvinjelwa ukungena eMelika ngenxa yokungagomeli  i-Covid-19.

Lesi sihlabani sebhola lomphebezo esihamba phambili emhlabeni njengamanje siye safaka isicelo sokuhoxiswa kokuvinjilwa kwakhe kuhulumeni waseMelika ngoNhlolanja, kodwa-ke kubonakala sengathi isicelo sakhe sichithiwe.

Abahleli be-Indian Wells bakuqinisekisile ukuthi lo mdlali (35) uhoxile kulo mqhudelwano: “UNovak Djokovic ohamba phambili emhlabeni uhoxile kwi-BNP Paribas Open yakulo nyaka. Ngokuhoxa kwakhe uvulela uNikoloz Basilashvili isikhala sokuthi angene enkundleni,” kusho isitatimende.

Lesi simemezelo siza ngemuva kwezinyanga ezimbili umqondisi womqhudelwano uTommy Haas ethe kungaba “ihlazo” uma lowo owine owe-Indian Wells amahlandla amahlanu engavunyelwa ukubamba iqhaza.

Samsung Galaxy 14G

Okwamanje iMelika ivimbela abaphuma emazweni angaphandle abangagomelanga i-Covid-19 ukuthi bangene kuleliyazwe; kanti lona umthetho owaqinisekisa ukuthi uDjokovic uphuthelwa umqhudelwano we-US Open nyakenye.

Isinqumo esifanayo siye samthinta ngesikhathi ephuthelwa i-Australian Open nyakenye.

Kungenzeka lo mdlali wase-Serbia abuyele enkundleni kuphela uma umqhudelwano we-Monte-Carlo Masters uqala ngoMbasa.

Esithombeni esingenhla: UNovak Djokovic

Umthombo wesithombe: @DrEliDavid

Scrolla World Cup Quiz