Lubhalwe nguRazeen Gutta
Ezinsukwini ezintathu emdlalweni wesithathu phakathi kwe-Australia ne-India, kusakhishwe ama-overs angu-134 kuphela, izivakashi zilandela ngemuva ngama-runs angu-394 kwi-innings yabo yokuqala, bese ebalahlekele vele amawikhethi amane.
I-India ibukeke izamazamiseka ku-stumps ngoMsombuluko, ihlulwe ngokune ngo-51 kuma-overs angu-17 ngemuva kokuqeda amathuba e-Australia okushaya ibhola.
Abalapho okudlalelwa khona bona bafinyelele ku-445 ngaphambi kokuthi bakhishwe, u-Japrit Bumrah uyena yedwa ohlangothini lwe-India obehlasela ngokujikijela ibhola eno-6/76.
UTravis Head noSteve Smith bobabili bathole amaphuzu abalulekile amakhulu ukugcina ama-Aussies ehamba phambili.
UMitchell Starc’s 2/25, uPat Cummins’ 1/7 kanye no-1/17 ka-Josh Hazelwood sebebone u-Yashasvi Jaiswal, u-Shubman Gill, u-Virat Kohli kanye no-Rishabh Pant kuma-innings ase-India bese-pavillion.
Abanye bangasho ukuthi ukuna kwemvula okuqhubekayo kwenze kwaba nzima ukuthi abashayayo bangene.
Kodwa abaningi bazokholwa ukuthi izimvula zaseBrisbane ziyisindisile i-India enhlekeleleni ebingenzeka- okukhulise amathuba abo okusindisa ukudlala ngokulingana eMelbourne okusesezingeni lika-1-1.
Kulindeleke ukuthi kube nemvula eningi kulezi zinsuku ezimbili zokugcina, kuzodlalwa ngoLwesibili ngo-01:50 ezintatha bukhoma ku-SuperSport.
Esithombeni esingenhla: UPat Cummins
Umthombo: @iccjimbo