Ukumiswa kwezikhali isikhashana kulethe ithemba eSudan

Lubhalwe ngumbhali weStaff

E-Sudan kuke kwathuleka kancane ngempi enzima ebikhungethe izwe emasontweni amahlanu edlule kulandela isimemezelo sesivumelwano sokumisa udlame.

Izakhamuzi zibona kuzobe kunokuthula yize kubikwe ukuqhuma kwebhomu kwenye yezindawo ngemuva kokuthi kuqale ukumiswa kwezikhali ngoMsombuluko.

Lesi sivumelwano sifinyelelwe ngesikhathi kunezingxoxo e-Jeddah ngoMgqibelo, ebezingamelwe i-Saudi Arabia kanye neMelika. Bakhiphe isitatimende ngokuhlanganyela ngoLwesibili, bethi ayaqhubeka amalungiselelo okusizakala okuphuthumayo.

Izishoshovu zase-Sudan zibhalele isithunywa senhlangano yezizwe e-Sudan, zamukela ukumiswa kwezikhali kanti ziphinde zanxusa ukuthi kuphenywe ngokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu okwenzeka ngesikhathi sempi.

Amaqembu amavolontiya enkabeni yedolobha alungiselela ukuthola izinsiza, nakuba ingxenye enkulu yosizo oselufike e-Port Sudan lusazosatshalaliswa njengoba izikhungo zisalinde imvume yezokuphepha.

Inhlangano yosizo lwezokwelapha i-MSF ibike izehlakalo zodlame ezingxenyeni ezahlukene zezwe, okuhlanganisa namadolobha amaningana asesifundeni esisentshonalanga ne-Darfur.

Ukumiswa kwezikhali kwangaphambilini konakaliswe ukuqhubeka kokulwa, kodwa lesi sivumelwano ngesokuqala okuvunyelwane ngaso ngokusemthethweni ngezingxoxo futhi sihlanganisa nendlela yokuqapha.

UNobhala Wezwe laseMelika u-Antony Blinken uphawule ukuthi inqubo yokuqapha izoba khona. Akazange aqhubenke anikeze eminye imininingwane.

Yize isivumelwano sokumiswa kwezikhali sesinyuse amathemba okuthi kuzomiswa isikhashana ukungqubuzana okuholele ekutheni abantu abacishe babe ngu-1.1 milliom basuswe ezindaweni zabo okuyinselelo enkulu.

Abantu ababaleke e-Sudan batheleka e-Chad ngokushesha kangangokuthi ukubathuthela ezindaweni eziphephile ngaphambi kwenkathi yemvula enamandla ezoba sekupheleni kukaNhlangulana kuyinselele enkulu.

Lesi simo sifaka ingcindezi emazweni angomakhelwane ne-Sudan, njengoba abantu ababalelwa ku-60 000 kuya ku-90 000 bafuna ukukhosela e-Chad kuphela.

IMelika ithembise ukusebenzisa ezinye izindlela uma kunesidingo.

Khonamanjalo, izishoshovu zase-Sudan zizwakalise ukukhathazeka okuqhubekayo mayelana nokuhlaselwa ngokungakhethi ezindaweni zokuhlala, ukusetshenziswa kwezakhamuzi njengezihlangu, ukubulawa kwabantu ngaphandle komthetho, ukuhlukunyezwa ngokocansi phakathi nazo zonke lezi zingxabano.

Le nkinga ikhinyabeza kakhulu imizamo yokusiza abantu, ukuphela kodlame, ukuphanga, nezithiyo zokuphatha ezibambezela ukukhuliswa kwemisebenzi yokusiza.

Isithombe esingenhla: Ukumiswa kwempi e-Sudan

Izihloko zakamuva