Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Zisale zingenamizi izakhamuzi zasemijondolo yaseTaiwan eKhayelitsha, eKapa, kulandela ukuqubuka komlilo ocekele phansi imijondolo engaphezu kuka-40 ngeSonto ntambama.
Abaningi balahlekelwe izimpahla eziyigugu kubo, ukudla namaphepha abangakwazanga ukuwahlenga emlilweni.
UNksz Noluvuyo Mfundisi, oyisakhamuzi, uthe umlilo uqale ngemuva kwengxabano lapho owesilisa kuthiwa ubezama ukuyengela indodakazi kamakhelwane emjondolo wakhe ngokuyipha izipho.
“Sizwile ukuthi umnikazi womjondolo okuqale kuwo umlilo uqonde umakhelwane wakhe emlwisa obehlukumeza indodakazi yakhe,” kusho uMfundisi.
“Sithukuthele ngoba umakhelwane ubenalo lonke ilungelo lokubhekana nalo mlisa, futhi ubengenalo ilungelo lokuthungela umjondolo ngomlilo.”
Esinye isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa sithe umsolwa ushaywe ngempama ngesikhathi bexabana.
“Ziningi izindaba zokuthi lokhu kuqale kanjani,” kusho isakhamuzi.
“Abanye bathi bekuxabene indoda nentombi yayo, abanye bathi bekungenxa yempama. Esikwaziyo ukuthi asisenakhaya manje.”
Ikhansela lakuWadi-87, uKhayalethu Kama, lithe noma yiluphi usizo lwendawo yokuhlala, ukudla, nezingubo zezakhamuzi ezithintekile luzothokozelwa kakhulu.”
UJermaine Carelse, okhulumela iFire and Rescue Service, uthe bathole ucingo oluphuthumayo ngo-6.35 ntambama.
“Zingu-11 izimoto ezicisha umlilo kanye nezicishamlilo ezingaphezu kuka-50 ezisebenze ukunqanda lo mlilo, oze wacisha ngemuva kwehora lesishiyagalolunye ebusuku,” kusho uCarelse.
Ibalelwa ku-40 imijondolo ecekeleke phansi, isibalo sabantu abasale dengwane sisondele ku-90. Akubikwanga muntu olimele. Imbangela yomlilo isaphenywa.
Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi cishe ezingu-90 zasemijondolo yaseTaiwan eKhayelitsha, eKapa, zisale dengwane ngemuva kokuqubuka komlilo ngemva kwempi ngeSonto ntambama.
Umthombo: Sithunyelwe.
