Ukulungisa amakhaya sekuyinto entsha eyenziwa ngamasosha ase-Alex

Everson Luhanga

Sijwayele ukubabona bephethe izibhamu zemishini namagiya okulwa.

Njengamanje amasosha oMbutho Wezokuvikela Wezwe waseNingizimu Afrika enza uphawu emabhulashini opende, kuma-rolling kanye nemishanelo e-Alexandra.

La masosha asebenzela i-Operation Notlela azama ukusiza iqembu elibizwa “nge-30 Strong Voices of Alex” ngomsebenzi wawo emiphakathini.

NgoMgqibelo iqembu linikezele ngendlu ebekade  beyilungisa kabusha ngemuva kokushiswa ngumlilo.

Leli qembu belisebenza kanzima e-Alexandra ngesikhathi somvalelo, lisiza amaphoyisa nebutho ukuvimba abantu ukuthi bangahambi noma bengagcaluzi emigaqweni.

Okhulumela iqembu uSimon Alaska Sekhitla utshele abe-Scrolla.Africa ukuthi, inhlangano yabo isisize ukulawula ukubhebhetheka kwe-Covid-19 elokishini futhi manje isiza labo abalahle ithemba noma abanesifiso sokubuyela esimeni sabo bezimele.

Uthe ngosizo lwabanikeli namasosha, leli qembu selakhe kabusha indlu enamakamelo amabili bakhela uRosina More, indodakazi yakhe nabazukulu bakhe ababili ebebengasenakhaya ngemuva komlilo.

USimon uthe amalungu aleli qembu abandakanya abantu abasebenza ngogesi, abafaka amapayipi kanye nabapendayo, bonke baphume ukuzosiza.

UKaputeni uTshepo Mokoka, umphathi woMbutho Wezokuvikela Wezwe waseNingizimu Afrika, uthe amasosha avela kwi-Operation Notlela asiza inhlangano ebizwa nge-30 Strong Voices okuyinhlangano yase-Alex, bayisiza ngokulungisa kabusha indawo yase-Alexandra.

“Sipende izindonga sahlanza negceke.

“Besilokhu sisebenzisana nabesilisa nabesifazane benhlangano ye-30 Strong Voices of Alex kusukela ngoNdasa ngesikhathi uhulumeni ememezela umvalelo wesigaba sesihlanu.”

Umuntu oyinikelele kakhulu i-30 Strong Voices of Alex nguMuneer Adamjee ophethe i-Adamjee Foundation.

Izihloko zakamuva