Ukulimala kuphazamisa abamaBhokobhoko koweWales

Dylan Bettencourt

Abadlali  abathathu beqembu lamaBhokobhoko bazobe bengekho kulabo abazokhethwa ohambweni oluzayo e-Wales ngoNtulikazi ngenxa yokulimala, kodwa isihlabani uCheslin Kolbe uzolulama ngokuhamba kwesikhathi.

UScrumhalf Cobus Reinach, umdlali wasemuva uSbu Nkosi noRG Snyman ngeke bakwazi ukudlala ne-Wales esikhathini esiyizinyanga ezimbili esizayo.

UReinach ulimale ehlombe futhi uzohlinzwa ngoLwesithathu kanti lokho kuzomenza ahlale izinyanga ezine engadlali.

“Angizange ngisheshe ngizwe ukuthi ngilimele ehlombe ngoba i-adrenaline ibigijima kakhulu futhi ngikwazile ukuqeda isiwombe sokuqala kahle,” kusho uReinach etshela i-Rapport.

“Ngebhadi kuyingxenye yomdlalo. Asikho isikhathi esihle sokulimala, kodwa sibonga ukuthi kwenzeke manje kunokuthi kwenzeke ngesinye isikhathi. “

Umdlali wasesiswini, uSbu Nkosi, uhlinzwe iqakala muva nje kanti ovalayo u-RG Snyman usahlushwa idolo. Mancane amathuba okuthi la badlali abathathu baphumelele ukudlala bebhekene ne-Wales.

Kodwa-ke, kunezindaba ezimnandi kompetha beNdebe yoMhlaba njengoba umdlali wasesiswini uCheslin Kolbe ezobe esewumqemane ngemuva kokulimala isithupha.

Umdlalo wokuqala ne-Wales uzoba mhla zimbili kuNtulikazi ePitoli ngaphambi kokuthi ibhekise amabombo e-Bloemfontein mhla ziyisishiyagalolunye kuNtulikazi. Uhambo luphelela eKapa ngomhlaka-16 kuNtulikazi.

Ngemuva komdlalo wabo ne-Wales, iNingizimu Afrika izophinde isingathe imidlalo uma isidudulana ne-New Zealand kanye ne-Argentina emidlalweni yasekhaya ye-Rugby Championship.

I-Rugby Championship izoqala ngoNcwaba njengoba amaBhokobhoko efuna ukuhlengwa kulandela umqhudelwano onzima wangonyaka odlule.

Ukulungiselela iNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo, amaBhokobhoko aqoke i-Toulon njengendawo yokuzicija esigabeni samaqoqo.

INingizimu Afrika inikwe ithuba lokuthi ikwazi ukukhetha indawo yayo njengoba iyiqembu elihleli phezulu kwi-World Rugby.

Umqhudelwano ozobe use-France uzoqala ngoMandulo ngo-2023 futhi uzophothulwa ngoMgqibelo ngomhlaka-28 kuMfumfu lapho amaBhokobhoko azobe enethemba lokuvikela isicoco sawo.

Umthombo wesithombe: @SARugbyMagazine

Izihloko zakamuva