Ukulimala kukaNeymar kuncisha abalandeli umncintiswano omnandi noMessi

Menzi Magubane

Kusukela ngoZibandlela ngesikhathi iBarcelona idlale ngokulingana neParis Saint Germain (PSG) emdlalweni we-UEFA Champions League, abalandeli baqala ukukhuluma ngokuqhudelana phakathi kukaNeymar noLionel Messi, kodwa ukulimala kuvimbe abalandeli base-Spain ukubona isihlabani sabo sidlala nozakwabo abadala okokuqala selokhu eshiye iBarca ngowe-2018.

IBarca njengoba iqhathwe nePSG akungabazeki ukuthi umdlalo omkhulu kunayo yonke kuligi kuleli sonto.

Lezi zinkunzi ezimbili zase-Europe zizodlalela e-Camp Nou e-Barcelona ngoLwesibili ngehora le-10 ebusuku.

UNeymar ulimale emsipheni yethanga ngoLwesithathu olwedlule emdlalweni wePSG neqembu le-Ligue 2 iCaen, kanti kulindeleke ukuthi angabibikho okungenani amasonto amane futhi lokho kungamkhipha emdlalweni womlenze wokubuya e-Paris mhla zi-10 kuNdasa. Sekungokwesibili kule sizini ukuthi uNeymar alimale ithanga lakhe langakwesobunxele.

Ngowe-2018, lo mdlali wase-Brazil waphuthelwa umlenze wesibili bedlala neReal Madrid.

Ngowe-2019 waphuthelwa imidlalo yomibili ngesikhathi bedlala neManchester United futhi namanje uzophuthelwa oweBarcelona. Kuleyo midlalo kukhishwe iPSG.

Ngonyaka odlule wadlala okokuqala ngqa esigabeni sokukhishwa kwamaqembu selokhu afudukela e-France kwathi iPSG yafinyelela kowamanqamu lapho ihlulwe khona ngelilodwa eqandeni yiBayern Munich.

Omunye umdlali onegama elikhulu ozophuthelwa ilolu hambo umdlali wasesiswini wePSG uAngel Di Maria olimele ethangeni.

Komunye umdlalo wangoLwesibili iRB Leipzig izosingatha iLiverpool e-Puskas Arena ngehora le-10 ebusuku.

Izihloko zakamuva