Ukuklinya ikhehla kwaqalwa izilwane- ucwaningo

Umsuka wokuklinya ikhehla waqala ezilwaneni zasendulo ezazikhona eminyakeni yakudala ngaphambi kokuba kube khona abantu.

Lokhu okutholwe ososayensi be-evolutionary biologist okusekelwe imniningwane emikhulu kunayo yonke eyake yahlanganiswa ngalolu daba, kuveza ukuthi ukuklinya ikhehla akuqalanga kubantu. Kwaqala kukhokho wazo zonke izinkawu eminyakeni engu-40 million edlule. 

UDkt Matilda Brindle ongumcwaningi weNyuvesi yase-London, uchaze ukuthi ukuklinya ikhehla kwaqala kudala futhi kuwukuziphatha okwavela kungazelelwe ezilwaneni ezithile.

Ukuqhuba lolu cwaningo mayelana nokuklinya ikhehla kwezilwane, abacwaningi bahlaziye izincwadi eziningi, izimpendulo zemibuzo kanye nemibuzo abebeyibuza ama-primatologists kanye nabagcini bezilwane.

Ngokwenza lolu cwaningo ezihlahleni ze-primate evolutionary, bathole imininingwane ngemvelaphi yokuziphatha nokuthi kwenzeka kaningi kangakanani.

Nakuba inhloso yokuklinya ikhehla isalokhu ingacacile, ucwaningo luveza izici ezingase zibe khona.

Kwabesilisa ubufakazi bubonisa ukuthi ukuzibhucabhuca umphambili kwandisa amathuba okukhulelwa kwalowo osuke ulala naye. Kwabesilisa abasezingeni eliphansi, ukuzibhucabhuca umphambili ngaphambi kokuya ocansini kungakhuphula inkanuko, kuvumele ukuzalanisa ngokushesha futhi kwehlise nengozi yokulahlekelwa yilowo osuke ulala naye.

Ukwengeza, ukuzibhucabhuca umphambili kungase kusize abesilisa bachithe isidoda esidala basale nesisha esingabasiza ukuthi bakwazi ukuthola izingane ngokushesha.

Abacwaningi baphinde bathola ukuhlobana phakathi kokuklinya ikhehla kwabesilisa namazinga ezifo ezithathelanayo ngocansi.

Baphakamise ukuthi ukuzibhucabhuca umphambili ngemuva kocansi kungase kusize ukwehlisa ingozi yezifo.

Kodwa-ke, ukuzibhucabhuca umphambili kwabesifazane kusadinga uphenyo olwengeziwe kanye nemniningwane enzulu. Omunye umbono uthi abesifazane abangama-primates bazithintathinta izitho zabo zangasese ngaphambi kocansi ukuze bazikhethele ukuthi imuphi umuntu wesilisa obamithisayo.

Ngokudlalisa isitho sangasese sowesifazane, abesifazane bangase bakwenze kube lula ukuthi isidoda sowesilisa asuke emthanda sisebenze.

UBrindle ugcizelele ukubaluleka kokuqaphela ukuklinya ikhehla njengokuziphatha okungokwemvelo nokuvamile ezilwaneni zonkana.

Uthe kuyamangaza ukuthi lesi sihloko besinganakwa kangako ngocwaningo phambilini futhi wagcizelela ukuthi siyingxenye yochungechunge olunempilo lokuziphatha ngokocansi.

Isithombe esingenhla: Izinkawu

Izihloko zakamuva